Ukulunga kuyakuphumela phambi kwakhe; futhi uyosibeka endleleni yezinyathelo zakhe.
1 kaPetru 2:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba nabizelwa lokho, ngokuba uKristu wahlupheka ngenxa yethu, esishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba nabizelwa khona lokho, ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe. IsiZulu 2020 Nabizelwa khona lokho, ngokuba uKhristu wahlushwa ngenxa yenu, wanishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba nabizelwa lokho, ngokuba uKristu wahlupheka ngenxa yethu, esishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe; |
Ukulunga kuyakuphumela phambi kwakhe; futhi uyosibeka endleleni yezinyathelo zakhe.
Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi; ngokuba ngimnene, ngithobekile ngenhliziyo; niyakufumana ukuphumula emiphefumulweni yenu.
Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.
UKristu ubengafanele yini ukuba ahlupheke ngalezizinto, aze angene enkazimulweni yakhe?
Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.
beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.
Evula efakaza ukuthi uKristu kwakumele ahlupheke, abuye avuke kwabafileyo; nokuthi uJesu lo, engimshumayeza nina, unguKristu.
Ngokuba mina ngiyakumbonisa ukuthi kungakanani omelwe ukuhlupheka ngakho ngenxa yegama lami.
Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili bafane nomfanekiso weNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi.
nihambe othandweni, njengalokho noKristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu, abe yiphunga elimnandi.
ukuze kungabikho muntu onyakaziswa yilezi zinhlupheko, ngokuba niyazi nina ukuthi simiselwe zona.
Yebo, bonke abathanda ukuphila ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.
Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe, nezikhona ngaye zonke izinto, lapho eletha amadodana amaningi enkazimulweni, aphelelise ngezinhlupheko umbusi wensindiso yawo.
Owamiselwa ngaphambili ngaphambi kokusekelwa kwezwe, kodwa wabonakaliswa kulezikhathi zokugcina ngenxa yenu;
Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.
Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya;
ningaphindiseli okubi ngokubi, nokuthuka ngokuthuka, kodwa ngokuphambene nibusise; nazi ukuthi nabizelwa lokho, ukuze nidle ifa lesibusiso.
Ngakho-ke njengalokhu uKristu wahlupheka ngenxa yethu enyameni, hlomani nani kanjalo umqondo ofanayo;
Kodwa thokozani, njengoba lingabahlanganyeli bezinhlupheko zikaKristu; ukuze kuthi, lapho sekwambulwa inkazimulo yakhe, nijabule futhi ngentokozo enkulu.
Ngalokho silwazile uthando, ngokuba yena wasibekela phansi ukuphila kwakhe; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.
Bona bamehlula ngegazi leWundlu langezwi lobufakazi babo; futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.