U-Isaya 62 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkusindiswa kwendodakazi yaseSiyoni ekuthunjweni 1 Ngenxa yeSiyoni angiyikuthula, nangenxa yeJerusalema angiyikuphumula, ukulunga kwalo kungakaphumi njengokukhanya nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo. 2 Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho, namakhosi onke inkazimulo yakho; uyakubizwa ngegama elisha eliyakunqunywa ngumlomo kaJehova. 3 Uyakuba ngumqhele wodumo esandleni sikaJehova, neqhele lobukhosi esandleni sikaNkulunkulu wakho. 4 Awusayikuthiwa Oshiyiweyo, nezwe lakini alisayikuthiwa iNcithakalo, kepha uyakubizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo, ngokuba uJehova uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile. 5 Ngokuba njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe; nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe. 6 Ngimisile abalindi phezu kwezingange zakho, Jerusalema; abayikuthula nakanye imini nobusuku; nina eningabakhumbuzi ngoJehova maningaphumuli, 7 futhi ningamniki ukuphumula, aze akhe iJerusalema, alibeke libe yindumiso emhlabeni. 8 UJehova ufungile ngesandla sakhe sokunene nangengalo yamandla akhe, wathi: “Impela angisayikuzinika izitha zakho amabele akho abe ngukudla kwazo; abezizwe abayikuliphuza iwayini lakho olikhandlekeleyo, 9 kodwa abawaqoqileyo bayakuwadla, bamdumise uJehova, nabaliqoqileyo bayakuliphuza emagcekeni endlu yami engcwele.” 10 Phumani, niphume ngamasango, niyilungise indlela yabantu; hlelani, niwuhlele umendo, niwakhiphe amatshe; niphakamisele izizwe ibhanela.* 11 Bhekani, uJehova uyezwakala kuze kube sekugcineni komhlaba, ethi: “Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi: ‘Bheka, insindiso yakho iyeza. Bheka, umvuzo wakhe unawo, nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.’ ” 12 Bayakubizwa ngokuthi abantu abangcwele, abahlengiweyo bakaJehova; wena uyakuthiwa Ofuniweyo, uMuzi Ongashiyiwe. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa