U-Isaya 56 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkusindiswa kungokwabezizwe 1 Usho kanje uJehova, uthi: “Gcinani ukwahlulela, nenze ukulunga, ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike, nokulunga kwami ukuba kwambulwe. 2 Ubusisiwe umuntu owenza lokhu, nendodana yomuntu ebambelela kukho, ogcina isabatha engaloni, osibamba isandla sakhe ukuba singenzi nakuphi okubi.” 3 Indodana yowezizwe ezihlanganise noJehova mayingasho ukuthi: “Impela uJehova uyakungahlukanisa nabantu bakhe,” nomthenwa angathi: “Bheka, ngingumuthi owomileyo.” 4 Ngokuba usho kanje uJehova ngabathenwa, uthi: “Abagcina amasabatha ami, nabakhetha engikuthandayo, nababambelela esivumelwaneni sami 5 bona ngiyakubanika endlini yami naphakathi kwezingange zami isikhumbuzo negama elihle kunamadodana namadodakazi; ngiyakubanika igama eliphakade, elingayikunqunywa. 6 Nabezizwe abazihlanganisa noJehova ukumkhonza uJehova nokulithanda igama likaJehova ukuba babe yizinceku zakhe bonke abaligcina isabatha, bangaloni, nababambelela esivumelwaneni sami, 7 yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yami engcwele, ngibathokozise endlini yami yokukhuleka; iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yabo iyakwamukeleka e-altare lami, ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke.” 8 INkosi uJehova ebutha abaxoshiweyo bakwa-Israyeli ithi: “Ngisezakubuthela kuye nabanye ngaphandle kwabase bebuthiwe.” U-Israyeli wonakele 9 Nonke nina zilwane zasendle, wozani nidle, nonke nina zilwane zasehlathini. 10 Bonke abalindi bayizimpumputhe, abanakwazi; bonke bayizinja eziyizimungulu, abakwazi ukukhonkotha, balala bephupha, bathanda ukozela. 11 Yebo, bayizinja ezihahayo, abakwazi ukusutha; yebo, laba bangabelusi abangenakuqonda, baphendukela bonke ezindleleni zabo, kube yilowo nalowo enzuzweni yakhe, bonke kanyekanye. 12 Wozani, ngiyakuletha iwayini, sizakuzigcwalisa ngophuzo olunamandla; nengomuso liyakuba njenganamuhla, libe likhulu kakhulu. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa