U-Isaya 47 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkuwa kweBabele 1 “Yehla, uhlale othulini wena ntombi, ndodakazi yaseBabele, uhlale emhlabathini, kungekho sihlalo sobukhosi, wena ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile nokuthi uyatetema. 2 Thatha amatshe okugaya, ugaye impuphu, uyisuse imvakazi yakho, uwukhumule umhushuzo wakho, wambule umlenze, uwele imifula. 3 Ubuze bakho buyakwambulwa, yebo, ubunqunu bakho buyakubonakala; ngiyakuphindisa, ngingayeki muntu. 4 Igama loMhlengi wethu linguJehova Sebawoti, oNgcwele ka-Israyeli. 5 “Hlala uzithulele, ungene ebumnyameni, wena ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi iNkosikazi Yemibuso. 6 Ngabathukuthelela abantu bami, ngalingcolisa ifa lami, ngalinikela esandleni sakho; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala. 7 Wathi wena: ‘Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo.’ Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga ukugcina kwazo. 8 “Manje yizwa lokhu wena ozijabulisayo, ohlala ulondekile, othi enhliziweni yakho: Yimi, akakho omunye; angiyikuhlalisa okomfelokazi, nokufelwa abantwana angiyikukwazi. 9 Kodwa lokhu kokubili kuyakufika kuwe ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa, kwabantwana nobufelokazi kufike phezu kwakho ngokugcweleyo phakathi kobuningi bamalumbo akho, nobuningi beziphonso zakho. 10 Wethembile ebubini bakho, wathi: ‘Akakho ongibonayo.’ Ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakho kukudukisile; wathi enhliziyweni yakho: ‘Yimi, akakho omunye.’ 11 Kepha ububi buyakukwehlela, awuyikwazi lapho buvela khona; nengozi iyakuwela phezu kwakho, awuyikuba namandla okuyichezukisa, incithakalo ifike phezu kwakho ngokuzumayo, ungazi. 12 “Yima manje neziphonso zakho nobuningi bamalumbo akho okhandlekile kukho kwasebusheni bakho; mhlawumbe uyakusizakala, mhlawumbe uyakubanga uvalo. 13 Ukhathele ngobuningi bamacebo akho; mabasukume, bakusindise abadabula izulu, nababheka izinkanyezi, nabazisa ngezinyanga ezintsha ukuthi kuphi lapho kuzakuvela khona lokhu okuzakukwehlela. 14 Bheka, bayakuba njengamabibi ashiswa ngumlilo, abayikuzophula emandleni elangabi; akusilo ilahle lokotha, akusiwo umlilo wokuba kuhlalwe phambi kwawo. 15 Ziyakuba njalo kuwe izinto okhandleke kuzo, zihambisene nawe kwasebusheni bakho; seziyakuzulazula, kube yileyo naleyo ngendlela yayo, ekusindisayo ingabikho. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa