U-Isaya 21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEIsiprofetho ngeBabele 1 Isiprofetho ngehlane lolwandle. Njengokudlula kwezivunguvungu eningizimu kuvela ehlane ezweni elesabekayo. 2 Ngitshelwe umbono olukhuni: umphangi uyaphanga, umchithi uyachitha. Yenyuka, Elamu, vimbezela, Mediya; konke ukukhala kwalo ngikwenza kuphele. 3 Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo; inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo; ngikhonkobele ukuba ngingezwa, ngiphele amandla ukuba ngingaboni. 4 Ngadukelwa yingqondo, ngashaywa luvalo; ukuhwelela engakulangazelela kwaphenduka ukuthuthumela kimi. 5 Ngukulungisa itafula yini? Ngukwendlala izindwangu, ukudla nokuphuza, na? Hhayi, sukumani, zikhulu, nicobe izihlangu. 6 Ngokuba ishilo kanje iNkosi, yathi: “Hamba umise umlindi ozakubika akubonayo. 7 Lapho ebona abamahhashi, amahhashi amabili ngamabili, nezinkweli zezimbongolo, nezinkweli zamakamela, uyakuqaphela nokuqaphela ngesineke esikhulu.” 8 Obonayo wayesememeza, wathi: “Nkosi yami, ngimi njalo emini embhoshongweni wami, ngihlezi ngisemlindelweni nasebusuku bonke. 9 Bheka, kuyeza isigaba samadoda, amahhashi amabili ngamabili. Wathatha wathi: ‘Liwile, liwile iBabele, nazo zonke izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.’ ” 10 Wena ongokubhuliweyo kwami kwesibuya sami, engikuzwileyo kuJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, khona ngiyanazisa. Isiprofetho ngeDuma 11 Isiprofetho ngeDuma. Ukhona ongimemeza ngiseSeyiri, ethi: “Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na? Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?” 12 Umlindi wathi: “Kuyeza ukusa, kepha kuse sebusuku. Uma nithanda ukubuza, buzani; buyani nize.” Isiprofetho nge-Arabiya 13 Isiprofetho nge-Arabiya. Hlalani ebusuku ehlathini lase-Arabiya nina mahele aseDedanimi. 14 Owomileyo bamlethela amanzi abakhileyo ezweni laseThema, bahlangabeza ababalekayo nesinkwa. 15 Ngokuba babalekela izinkemba, izinkemba ezihoshiweyo, neminsalo ensaliweyo, nobunzima bempi. 16 Ngokuba iNkosi ishilo kimi kanje, yathi: “Phakathi komnyaka, njengeminyaka yomqashwa, udumo lonke lwaseKedari luyakuphela, 17 nensali yenani leminsalo yamaqhawe abaseKedari iyakuba ncane,” ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa