Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

U-Isaya 20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Isiprofetho ngeGibithe neKushe

1 Ngomnyaka wokufika kukaTharithani e-Ashidodi, ethunywe nguSarigoni, inkosi yase-Asiriya, walwa ne-Ashidodi, walithatha,

2 ngaleso sikhathi uJehova wakhuluma ngesandla sika-Isaya indodana ka-Amose, wathi: “Hamba uthukulule indwangu yamasaka okhalweni lwakho, ukhumule izicathulo zakho ezinyaweni zakho.” Wenze njalo, wahamba ze, akafakanga nazicathulo.

3 UJehova wathi: “Njengalokhu inceku yami u-Isaya isihambe ze ingafakile nazicathulo iminyaka emithathu, iyisibonakaliso nesimangaliso eGibithe naseKushe,

4 kanjalo inkosi yase-Asiriya iyakumukisa abathunjwa baseGibithe nabaxoshiweyo baseKushe, abasha nabadala, behamba ze, bengafakile nazicathulo, izinqe zabo zihlubuliwe, kube yihlazo laseGibithe.

5 Bayakuphela amandla, babe namahloni ngeKushe ithemba labo nangeGibithe udumo lwabo.

6 Abakhileyo kuleli elingasogwini bayakuthi ngalolo suku: ‘Bheka, linjalo ithemba lethu esabalekela kulo ukuba sisizwe, sophulwe enkosini yase-Asiriya; pho-ke, thina siyakuphunyuka kanjani na?’ ”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ