Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

U-Isaya 12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ihubo lokusindiswa kuka-Israyeli

1 Uyakusho ngalolo suku ukuthi: “Ngiyakubonga, Jehova, ngokuba wangithukuthelela, kepha intukuthelo yakho isibuyile, uyangiduduza.

2 Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.”

3 Ngalokho niyakukha amanzi ngokujabula emithonjeni yensindiso.

4 Niyakusho ngalolo suku ukuthi: “Bongani uJehova, nibize igama lakhe, nizazise izenzo zakhe phakathi kwezizwe, nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme.

5 Hlabelelani kuJehova, ngokuba wenzile izinto ezinkulu; lokhu makwazeke emhlabeni wonke.

6 Memeza, ujabule wena ohlezi eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwakho.”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ