UHezekeli 15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUmvini owomileyo 1 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2 “Ndodana yomuntu, umuthi womvini udlula ngani imithi yonke, igatsha lomvini eliphakathi kwemithi yasehlathini, na? 3 Kuyakuthathwa kuwo umuthi wokwenza umsebenzi, noma kuthathwe kuwo isikhonkwane ukuphanyeka isitsha, na? 4 Bheka, uyafakwa emlilweni ukuba udliwe, ziqedwe ngumlilo izihloko zawo zombili, kuhanguke okuphakathi kwazo; usulungele umsebenzi na? 5 Bheka, usaphelele awenziwanga waba ngokomsebenzi; kakhulu kangakanani, lapho umlilo uwuqedile wahanguka, uyobe usenziwa ube ngokomsebenzi, na? 6 “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Njengomuthi womvini phakathi kwemithi yasehlathini engiwunike umlilo ukuba uqedwe, kanjalo ngiyakunikela abakhileyo eJerusalema. 7 Ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nabo; baphumile emlilweni, kepha umlilo uyakubaqeda; niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibhekisa ubuso bami bumelane nabo. 8 Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo, ngokuba benze isiphambeko, isho iNkosi uJehova.” |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa