UEksodusi 31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Bheka, ngibize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHuri, owesizwe sakwaJuda. 3 Ngimgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke, 4 ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi, 5 nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, yebo, ukuba asebenze imisebenzi yonke. 6 Bheka, mina ngimisile kanye naye u-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani; ezinhliziyweni zazo zonke eziyizingcweti ngenhliziyo ngifake ukuhlakanipha ukuba zikwenze konke engikuyale ngakho: 7 itende lokuhlangana, nomphongolo wobufakazi, nesihlalo somusa esiphezu kwawo, nezimpahla zonke zetende, 8 netafula nezitsha zalo, nothi oluhle lwezibani nezitsha zonke zalo, ne-altare lempepho, 9 ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, 10 nezingubo ezifekethisiweyo, nezambatho ezingcwele zika-Aroni umpristi nezambatho zamadodana akhe zokuba bakhonze esikhundleni sobupristi, 11 namafutha okugcoba, nempepho yamakha athaphukayo yendawo engcwele, yebo, zenze njengakho konke engikuyale ngakho.” Umyalelo wesabatha 12 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 13 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Anogcina amasabatha, ngokuba aluphawu phakathi kwami nani ezizukulwaneni zenu ukuba nazi ukuthi nginguJehova oningcwelisayo. 14 “ ‘Gcinani isabatha, ngokuba lingcwele kini; yilowo nalowo olonayo uyakubulawa nokubulawa, ngokuba osebenza umsebenzi ngalo uyakunqunywa kubantu bakubo. 15 Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula, lingcwele kuJehova: bonke abasebenza umsebenzi ngosuku lwesabatha bayakubulawa nokubulawa. 16 Ngalokho abakwa-Israyeli bayakuligcina isabatha, balilonde ezizukulwaneni zabo libe yisivumelwano esiphakade. 17 Liluphawu phakathi kwami nabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade, ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova walenza izulu nomhlaba, kepha ngosuku lwesikhombisa waphumula, waqabuleka.’ ” 18 Eseqedile ukukhuluma noMose entabeni yaseSinayi wamnika izibhebhe zombili zobufakazi, izibhebhe zamatshe, zilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa