Mathewu 8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUJesu uphilisa umuntu onochoko ( Mark. 1:40 ; Luk. 5:12 ) 1 Kwathi esehlile entabeni, zamlandela izixuku eziningi. 2 Bheka, kwafika onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.” 3 Wayeselula isandla, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka masinyane ochokweni lwakhe. 4 UJesu wayesethi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, uyise umnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.” Ukuphulukiswa kwenceku yenduna ( Luk. 7:1 ) 5 Kwathi esangena eKapernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga yathi: 6 “Nkosi, umfana wami ulele endlini, ufe uhlangothi, ukhwelwe kakhulu ngubuhlungu.” 7 Wathi kuyo: “Mina ngizakuza ngimphulukise.” 8 Induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami, kepha yisho izwi nje, khona umfana wami uyakusinda. 9 Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; ngithi kwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.” 10 UJesu ekuzwa lokho wamangala, wathi kwabamlandelayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngifumane kwa-Israyeli ukukholwa okungaka kumuntu. 11 Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no-Abrahama no-Isaka noJakobe embusweni wezulu, 12 kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.” 13 UJesu wayesethi enduneni yekhulu: “Hamba, makube kuwe njengokukholwa kwakho.” Umfana wasinda ngaso leso sikhathi. Umkhwekazi kaPetru nabanye abagulayo bayaphulukiswa ( Mark. 1:23 ; Luk. 4:31 ) 14 UJesu wayesengena endlini kaPetru, wabona umkhwekazi wakhe elele phansi enomkhuhlane. 15 Waphatha isandla sakhe, umkhuhlane wamyeka; wavuka, wamkhonza. 16 Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni, wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo, 17 ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi: “Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu, wathwala izifo zethu.” Ukumlandela uJesu ( Luk. 9:57 ) 18 Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya. 19 Kwase kufika umbhali, wathi kuye: “Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.” 20 UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.” 21 Kodwa omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.” 22 Kepha uJesu wathi kuye: “Ngilandele; yeka abafileyo bembele abafileyo babo.” Ukuthuliswa kwesivunguvungu ( Mark. 4:35 ; Luk. 8:22 ) 23 Wayesengena emkhunjini; abafundi bakhe bamlandela. 24 Bheka, kwavuka isiphepho esikhulu elwandle, umkhumbi waze wagujuzelwa ngamaza; kepha yena wayelele. 25 Basondela, bamvusa, bathi: “Nkosi, sisindise, safa.” 26 Wayesethi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na?” Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu. 27 Kepha abantu bamangala, bathi: “Unjani lo ukuba nomoya nolwandle kumlalele na?” Ukukhishwa kwamademoni ( Mark. 5:1 ; Luk. 8:26 ) 28 Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, kwahlangana naye ababili abakhwelwe ngamademoni, bephuma emathuneni, beyizidlova ezinkulu ngangokuba kwakungedlule muntu ngaleyo ndlela. 29 Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na?” 30 Manje kwakukhona kude nabo umhlambi wezingulube eziningi ziklabile. 31 Amademoni amncenga athi: “Uma usikhipha, sithume ukuba singene emhlambini wezingulube.” 32 Wathi kuwo: “Hambani.” Ayesephuma, angena ezingulubeni; bheka, umhlambi wonke wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, wafela emanzini. 33 Kodwa ababezalusa babaleka, baya emzini, babika konke, nalokho okwehlele abakhwelwe ngamademoni. 34 Bheka, umuzi wonke waphuma ukuyomhlangabeza uJesu; bathe bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yelakubo. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa