Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

AmaHubo 93 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


UJehova uyinkosi

1 UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe, ubhince amandla. Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.

2 Isihlalo sakhe sobukhosi simi siqinile kwasendulo; wena ukhona kwaphakade.

3 Imifula iphakamisile, Jehova, imifula iphakamisile ukuholoba kwayo; imifula iphakamisa ukuduma kwayo.

4 UJehova ophakeme unamandla kunokuholoba kwamanzi amaningi, kunokuduma kwamadlambi olwandle.

5 Ukufakaza kwakho kuqinisekile kakhulu. Ubungcwele buyifanele indlu yakho, Jehova, kuze kube phakade.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ