Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

AmaHubo 8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Indodana yomuntu nenkazimulo yayo
Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi.* Ihubo likaDavide.

1 Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke! wena owabeka inkazimulo yakho ezulwini.

2 Ngomlomo wezingane nowabancelayo wagxilisa amandla ngenxa yabamelene nawe ukuba uthulise isitha nophindisayo.

3 Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo,

4 umuntu uyini ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na?

5 Wamenza waba ngaphansana kukaNkulunkulu, wamqhelisa ngenkazimulo nangobukhosi.

6 Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho; konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe:

7 izimvu, nezinkomo zonke, yebo, nezilwane zasendle,

8 nezinyoni zezulu, nezinhlanzi zolwandle, nakho konke okuhamba ezindleleni zolwandle.

9 Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ