Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

AmaHubo 67 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukubonga izibusiso zikaNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo. Igama.

1 UNkulunkulu makabe nomusa kithina, asibusise; makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela*

2 ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho kubo bonke abezizwe.

3 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke.

4 Izizwe mazijabule, zethabe; ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga, uzihola izizwe emhlabeni. Sela*

5 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke.

6 Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.

7 UNkulunkulu uyasibusisa; imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ