AmaHubo 30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkubonga kosindisiweyo ekufeni Ihubo. Igama lokuvula indlu. ElikaDavide. 1 Ngiyakuphakamisa, Jehova, ngokuba ungikhuphulile; awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami. 2 Jehova Nkulunkulu wami, ngakhala kuwe, wangiphilisa. 3 Jehova, umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo, wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini. 4 Dumisani uJehova nina enimkhonzayo, nibonge igama lakhe elingcwele. 5 Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula. 6 Mina ngithe ekubuseni kwami: Angisoze nganyakaziswa naphakade. 7 Jehova, ngomusa wakho ubuwenzile ukuba iqine intaba yami; wabufihla ubuso bakho, ngase ngithuthumela. 8 Ngakhala kuwe Jehova; nganxusa kuJehova, ngathi: 9 “Kukhona nzuzoni egazini lami nasekushoneni kwami egebeni na? Uthuli luzakukudumisa yini, lushumayele iqiniso lakho, na? 10 Yizwa, Jehova, ube nomusa kimi; Jehova, yiba ngumsizi wami.” 11 Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina; wangikhumula izingubo zami zokulila, wangembathisa ukujabula, 12 ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli; Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa