Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

AmaHubo 24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukungena kweNkosi yenkazimulo ethempelini layo
ElikaDavide. Ihubo.

1 Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.

2 Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle, wawumisa phezu kwemifula.

3 Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova, ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na?

4 Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo, ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni nongafungi ngenkohliso.

5 Uyakwamukela isibusiso kuJehova nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.

6 Yilesi esiyisizukulwane sabamfunayo; bona abasinga ubuso bakho bangabantwana bakaJakobe. Sela*

7 Phakamisani, masango, izinhloko zenu; nani minyango yaphakade, phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.

8 Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguJehova onamandla, oyiqhawe, uJehova oyiqhawe lokulwa.

9 Phakamisani, masango, izinhloko zenu; nani minyango yaphakade, phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.

10 Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? UJehova Sebawoti nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela*

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ