Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

AmaHubo 150 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Udumiso lukaNkulunkulu

1 Haleluya! Dumisani uNkulunkulu endlini yakhe engcwele, nimdumise emkhathini wakhe wamandla.

2 Mdumiseni ngenxa yezenzo zakhe zamandla, nimdumise ngenxa yobukhosi bakhe obukhulu.

3 Mdumiseni ngezwi lecilongo, nimdumise ngogubhu nehabhu.*

4 Mdumiseni ngesigubhu nokusina, nimdumise ngezingubhu ezinezintambo eziyishumi nemitshingo.

5 Mdumiseni ngamasimbali* ancencethayo, nimdumise ngezinsimbi ezikhencezayo.

6 Konke okuphefumulayo makudumise uJehova. Haleluya!

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ