AmaHubo 136 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkubonga uJehova ngezimangaliso zakhe nomusa wakhe ongunaphakade 1 Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. 2 Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade. 3 Bongani iNkosi yamakhosi, ngokuba umusa wayo umi phakade; 4 yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 5 owenzile izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 6 owendlala umhlaba phezu kwamanzi, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 7 owenza izinkanyiso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 8 ilanga ukuba libuse emini, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 9 inyanga nezinkanyezi ukuba zibuse ebusuku, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 10 owalishaya iGibithe, amazibulo alo, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 11 owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 12 ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 13 owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 14 owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 15 owachitha uFaro nempi yakhe eLwandle Olubomvu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 16 owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 17 owashaya amakhosi amakhulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 18 owabulala amakhosi adumileyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 19 uSihoni inkosi yama-Amori, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 20 no-Ogi inkosi yaseBashani, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 21 owanika izwe labo laba yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 22 laba yifa lika-Israyeli inceku yakhe, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 23 owasikhumbula sisephansi, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 24 owasikhulula ezitheni zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 25 onika inyama yonke ukudla, ngokuba umusa wakhe umi phakade. 26 Bongani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa