Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

AmaHubo 136 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukubonga uJehova ngezimangaliso zakhe nomusa wakhe ongunaphakade

1 Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

2 Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

3 Bongani iNkosi yamakhosi, ngokuba umusa wayo umi phakade;

4 yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

5 owenzile izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

6 owendlala umhlaba phezu kwamanzi, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

7 owenza izinkanyiso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

8 ilanga ukuba libuse emini, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

9 inyanga nezinkanyezi ukuba zibuse ebusuku, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

10 owalishaya iGibithe, amazibulo alo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

11 owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

12 ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

13 owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

14 owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

15 owachitha uFaro nempi yakhe eLwandle Olubomvu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

16 owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

17 owashaya amakhosi amakhulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

18 owabulala amakhosi adumileyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

19 uSihoni inkosi yama-Amori, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

20 no-Ogi inkosi yaseBashani, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

21 owanika izwe labo laba yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

22 laba yifa lika-Israyeli inceku yakhe, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

23 owasikhumbula sisephansi, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

24 owasikhulula ezitheni zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

25 onika inyama yonke ukudla, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

26 Bongani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ