Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

AmaHubo 133 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Isibusiso esisekuhlanganeni kwabazalwane
Igama lokukhuphuka. ElikaDavide.

1 Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.

2 Kufana namafutha amahle ekhanda ehlela esilevini, isilevu sika-Aroni, ehlela nasemphethweni wezambatho zakhe.

3 Kufana namazolo aseHermoni ehlela ezintabeni zaseSiyoni. Ngokuba uJehova wayaleza khona isibusiso, yebo, ukuphila kuze kube phakade.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ