Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

AmaHubo 131 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukuzithobela uJehova
Igama lokukhuphuka. ElikaDavide.

1 Jehova, inhliziyo yami ayikhukhumali, amehlo ami awaziphakamisi; angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingahlulayo.

2 Ngiduduzile, ngawuthulisa umphefumulo wami; njengomntwana olunyuliweyo kunina, njengolumulekileyo, unjalo umphefumulo wami phakathi kwami.

3 Israyeli, yethemba uJehova kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ