Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

AmaHubo 13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Umkhuleko wocela ukusizwa ekuhluphekeni
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1 Koze kube nini, Jehova, ungikhohlwa njalonjalo na? Koze kube nini usitheza ubuso bakho kimi na?

2 Koze kube nini ngikhathazeka emphefumulweni wami, nginosizi enhliziyweni yami usuku lonke, na? Koze kube nini isitha sami siziphakamisa phezu kwami na?

3 Bheka neno, ungiphendule, Jehova Nkulunkulu wami; khanyisa amehlo ami, ngize ngingalali ubuthongo bokufa,

4 ukuze isitha sami singasho ukuthi: “Ngimahlulile,” funa abamelene nami bethabe lapha ngintengayo.

5 Kepha ngiwuthembile umusa wakho; inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho;

6 ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba ungenzele okuhle.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ