Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

AmaHubo 129 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ubuthakathaka bezitha zeSiyoni
Igama lokukhuphuka.

1 Bangihluphile kaningi kwasebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.

2 Bangihluphile kakhulu, nokho abangahlulanga.

3 Abalimi balima emhlane wami, benza ibe mide imisele yabo.

4 UJehova ulungile; unqumile izintambo zababi.

5 Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva bonke abazonda iSiyoni.

6 Mababe njengotshani ophahleni, obubuna bungakakhuli.

7 Ovunayo akagcwalisi ngabo isandla sakhe, nobopha izinyanda izingalo zakhe.

8 Abadlulayo abasho ukuthi: “Isibusiso sikaJehova masibe phezu kwenu; siyanibusisa egameni likaJehova.”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ