Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

AmaHubo 126 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukutshala ngezinyembezi nokuvuna ngentokozo
Igama lokukhuphuka.

1 Lapho uJehova abuyisa ukuthunjwa kweSiyoni, sasinjengabaphuphayo.

2 Umlomo wethu wawusugcwala ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba; bathi phakathi kwabezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu.

3 UJehova usenzele izinto ezinkulu, sajabula.

4 Buyisa, Jehova, ukuthunjwa kwethu njengemifula yaseningizimu.

5 Abahlwanyela ngezinyembezi bayakuvuna ngokuthokoza.

6 Ohamba ekhala izinyembezi, ephethe imbewu yokuhlwanyela, uyakubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda zakhe.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ