Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

AmaHubo 121 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukwethemba ukulondoloza kukaNkulunkulu
Igama lokukhuphuka.

1 Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni; usizo lwami luvelaphi na?

2 Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba.

3 Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele; okulondolozayo akayikozela.

4 Bheka, olonda u-Israyeli akozeli, akalali.

5 UJehova ungumlondi wakho; uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.

6 Ilanga aliyikukushaya emini nenyanga ebusuku.

7 UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke; uyakulonda umphefumulo wakho.

8 UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ