Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

AmaHubo 120 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Umkhuleko wocela ukusizwa ekukhohliseni kwezitha
Igama lokukhuphuka.

1 Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula.

2 Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga nasolimini lwenkohliso.

3 Uyakuvuzwa ngani, uyakwenezelelwani wena lulimi lwenkohliso, na?

4 Imicibisholo ebukhali yeqhawe namalahle omlilo.

5 Maye kimi! Ngokuba ngigogobele kwaMesheke, ngihlezi ematendeni akwaKedari.

6 Umphefumulo wami sekukade wahlala naye ozonda ukuthula.

7 Ngingowokuthula; kepha uma ngikhuluma, bangabalwayo.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ