Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

AmaHubo 111 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Izenzo ezinhle zikaJehova kubo abantu besivumelwano sakhe

1 Haleluya! Ngiyakubonga uJehova ngenhliziyo yami yonke emhlanganweni nasebandleni labaqotho.

2 Mikhulu imisebenzi kaJehova, iphenywa yibo bonke abathokoza ngayo.

3 Umsebenzi wakhe ungubukhosi nodumo, nokulunga kwakhe kumi phakade.

4 Wenzele izimangaliso zakhe isikhumbuzo; uJehova unomusa nobubele.

5 Abamesabayo ubapha ukudla; ukhumbula njalo isivumelwano sakhe.

6 Ubonisile abantu bakhe amandla emisebenzi yakhe ngokubapha ifa labezizwe.

7 Imisebenzi yezandla zakhe iyiqiniso nokwahlulela; imithetho yonke yakhe iqinile;

8 imisiwe ngeqiniso nangobuqotho.

9 Wabathumela abantu bakhe ukukhululwa; uyalezile isivumelwano sakhe kuze kube phakade; lingcwele, liyesabeka igama lakhe.

10 Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ