Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

AmaHubo 1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


INCWADI YOKUQALA Amahubo 1 – 41 Indlela yabalungileyo nendlela yababi

1 Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali enkundleni yabaklolodayo,

2 kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.

3 Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.

4 Ababi abanjalo, kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya.

5 Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni, nezoni ebandleni labalungileyo.

6 Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kodwa indlela yababi yobhubha.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ