2 iziKronike 10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkumiswa kukaRehobowamu nokuhlubuka kwezizwe eziyishumi 1 URehobowamu waya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi. 2 Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalakele khona, ebalekele ubuso benkosi uSolomoni uJerobowamu wabuya eGibithe. 3 Bathuma bambiza; uJerobowamu naye wonke u-Israyeli beza, bakhuluma kuRehobowamu, bathi: 4 “Uyihlo wenza ijoka lethu laba lukhuni; ngalokho yenza wena ube lula umsebenzi olukhuni kayihlo nejoka lakhe elisindayo owalibeka phezu kwethu, siyakukukhonza.” 5 Wathi kubo: “Buyelani kimi emva kwezinsuku ezintathu.” Basuka-ke abantu. 6 Inkosi uRehobowamu yelulekana namalunga ayemile phambi kukaSolomoni uyise esekhona, yathi: “Nina ningeluleka ukubuyisela mpenduloni kulaba bantu na?” 7 Akhuluma kuye, athi: “Uma uzakuba muhle kulaba bantu, ubathokozise, ukhulume amazwi amahle kubo, bayakuba yizinceku zakho izinsuku zonke.” 8 Kepha walahla isiluleko samalunga ameluleke ngaso, welulekana nezinsizwa eziyintanga yakhe, ezazimi phambi kwakhe. 9 Wathi kuzo: “Nina niluleka ukuba sibuyise mpenduloni kulaba bantu abakhulume kimi ngokuthi: ‘Yenza ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu libe lula,’ na?” 10 Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe, zithi: “Uyakusho kanje kubantu abakhulume kuwe ngokuthi: ‘Uyihlo walenza ijoka lethu lasinda, kepha wena ulenze libe lula kithina,’ uyakusho kubo kanje ukuthi: ‘Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa. 11 Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngawofezela.’ ” 12 UJerobowamu nabantu bonke base befika kuRehobowamu ngosuku lwesithathu njengokusho kwenkosi ithi: “Buyelani kimi ngosuku lwesithathu.” 13 Inkosi yabaphendula kalukhuni; inkosi uRehobowamu yalahla isiluleko samalunga, 14 yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi: “Ubaba walenza ijoka lenu lasinda, mina ngiyakwenezela kulo; ubaba wanishaya ngesiswebhu, mina ngawofezela.” 15 Inkosi ayibalalelanga abantu, ngokuba kwakuyisiyiba esivela kuNkulunkulu, ukuze uJehova amise izwi lakhe alikhulumayo ngesandla sika-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati. 16 Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu babuyisela izwi enkosini, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Ifa asinalo endodaneni kaJese. Yilowo nalowo makaye etendeni lakhe, Israyeli; zibhekele indlu yakho manje, Davide.” Wayesesuka u-Israyeli wonke, waya ematendeni akhe. 17 Kepha abantwana bakwa-Israyeli abakhe emizini yakwaJuda, uRehobowamu wabusa phezu kwabo. 18 Inkosi uRehobowamu yathuma u-Adoramu owayephezu kwezisebenzi; abantwana bakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema. 19 U-Israyeli wayeseyihlubuka-ke indlu kaDavide kuze kube namuhla. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa