2 AmaKhosi 2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEU-Eliya uyamukelwa ezulwini 1 Kwathi lapho uJehova ebeyakumkhuphula u-Eliya aye ezulwini ngesivunguvungu, u-Eliya wasuka eGiligali no-Elisha. 2 U-Eliya wathi ku-Elisha: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eBethele.” Kepha u-Elisha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, angiyikukushiya.” Behlela-ke eBethele. 3 Amadodana abaprofethi ayeseBethele aphuma, aya ku-Elisha, athi kuye: “Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na?” Wathi: “Yebo, ngiyakwazi; thulani.” 4 U-Eliya wathi kuye: “Elisha, ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJeriko.” Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Bafika-ke eJeriko. 5 Amadodana abaprofethi ayeseJeriko asondela ku-Elisha, athi kuye: “Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na?” Wathi: “Yebo, ngiyakwazi; thulani.” 6 U-Eliya wathi kuye: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJordani.” Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Bahamba-ke bobabili. 7 Abantu abangamashumi ayisihlanu bamadodana abaprofethi baya bema khashana maqondana nabo; bona bobabili bema ngaseJordani. 8 U-Eliya wathatha ingubo yakhe, wayisonga, washaya amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha, bawela bobabili emhlabathini owomileyo. 9 Kwathi sebewelile, u-Eliya wathi ku-Elisha: “Cela engiyakukwenzela khona ngingakasuswa kuwe.” Wathi u-Elisha: “Makuphindwe kabili umoya wakho phezu kwami.” 10 Kepha wathi: “Ucele into elukhuni; nokho, uma ungibona lapha ngisuswa kuwe, kuyakuba njalo kuwe; kodwa uma ungangiboni, akuyikuba njalo.” 11 Kwathi beselokhu behamba bekhuluma, bheka, nanso inqola yomlilo namahhashi omlilo, kwabahlukanisa bobabili; u-Eliya wakhuphukela ezulwini ngesivunguvungu. 12 U-Elisha wakubona, wamemeza wathi: “Baba, baba, nqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!” Akabe esambona futhi; wabamba izingubo zakhe, waziklebhula kabili. U-Elisha ungumprofethi; izimangaliso zakhe 13 Wacosha ingubo ka-Eliya ebiwile kuye, wabuya, wema ngasogwini lwaseJordani. 14 Wayithatha ingubo ka-Eliya ebiwile kuye, washaya amanzi, wathi: “Uphi uJehova uNkulunkulu ka-Eliya na?” Esewashayile amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha; u-Elisha wawela. 15 Esembonile amadodana abaprofethi aseJeriko ayemalungana naye, athi: “Umoya ka-Eliya uhlezi phezu kuka-Elisha.” Afika ukumhlangabeza, akhothamela phansi phambi kwakhe. 16 Athi kuye: “Bheka, kukhona phakathi kwezinceku zakho amadoda angamashumi ayisihlanu anamandla; mawahambe, afune inkosi yakho; kumbe uMoya kaJehova umkhuphulile, wamlahla entabeni ethile noma esigodini esithile.” Kepha wathi: “Ningawathumi.” 17 Amncengisisa waze waba namahloni; wayesethi: “Thumani.” Ayesethuma abantu abangamashumi ayisihlanu; bamfuna izinsuku ezintathu, kepha abamtholanga. 18 Babuyela kuye esahlezi eJeriko; wathi kubo: “Angishongo yini kini ukuthi: ‘Ningahambi,’ na?” 19 Kepha abantu bomuzi bathi ku-Elisha: “Bheka, isiza somuzi sihle, njengokuba inkosi ibona, kepha amanzi mabi, izwe liyabhulubisa.” 20 Wathi: “Ngiletheleni isitsha esisha, nibeke usawoti kuso.” Basiletha kuye. 21 Waphuma, waya emthonjeni wamanzi, waphonsa kuwo usawoti, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngelaphile lawa manzi; akusayikuvela ukufa kuwo nokubhuluba.’ ” 22 Elashwa-ke amanzi kuze kube namuhla njengezwi lika-Elisha alikhulumayo. 23 Wenyuka lapho, waya eBethele; esenyuka endlelni, kwaphuma abafana emzini, bamklolodela, bathi kuye: “Yenyuka wena mpandlandini! Yenyuka wena mpandlandini!” 24 Wabheka emva kwakhe, wababona, wabaqalekisa egameni likaJehova. Kwase kuphuma ehlathini amabhere* amabili ezinsikazi, adwengula abafana abangamashumi amane nambili kubo. 25 Wasuka khona, waya entabeni yaseKarmeli; esuka lapho wabuyela eSamariya. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa