1 iziKronike 25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEIzigaba zabahlabeleli basethempelini 1 UDavide nezinduna zempi base bahlukanisela inkonzo amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani, nakaJeduthuni, ayeyakuprofetha ngamahabhu,* nangezingubhu, nangamasimbali;* umumo wabantu balo msebenzi wenkonzo wawunje: 2 emadodaneni ka-Asafa: ngoZakuri, noJosefa, noNethaniya, no-Asharela, amadodana ka-Asafa, phansi kwezandla zika-Asafa owaprofetha ngezandla zenkosi. 3 KuJeduthuni: amadodana kaJeduthuni: ngoGedaliya, noSeri, noJeshaya, noShimeyi, noHashabiya, noMatithiya, bebayisithupha, phansi kwezandla zikayise uJeduthuni owaprofetha ngehabhu* ngokubonga nangokudumisa uJehova. 4 KuHemani: amadodana kaHemani: ngoBukiya, noMathaniya, no-Uziyeli, noShebuweli, noJerimoti, noHananiya, noHanani, no-Eliyatha, noGidaliti, noRomamiti Ezeri, noJoshibekasha, noMaloti, noHothiri, noMahaziyoti; 5 bonke labo babe ngamadodana kaHemani umboni wenkosi ngamazwi kaNkulunkulu okuphakamisa uphondo lwakhe; uNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu. 6 Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali,* nangezingubhu, nangamahabu* enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi. 7 Umumo wabo kanye nabafowabo ababefundisiwe ukuhlabelela kuJehova nabayizazi wawungamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili. 8 Benza inkatho ngenkonzo, omunye ngomunye, omncane njengomkhulu, isazi nomfundi. 9 Inkatho yokuqala yadla uJosefa ka-Asafa, neyesibili uGedaliya; yena nabafowabo namadodana akhe babe yishumi nambili; 10 eyesithathu uZakuri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 11 eyesine uJisiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 12 eyesihlanu uNethaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 13 eyesithupha uBukiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 14 eyesikhombisa uJesharela, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 15 eyesishiyagalombili uJeshaya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 16 eyesishiyagalolunye uMathaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 17 eyeshumi uShimeyi, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 18 eyeshumi nanye u-Azareli, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 19 eyeshumi nambili uHashabiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 20 eyeshumi nantathu uShubayeli, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 21 eyeshumi nane uMatithiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 22 eyeshumi nanhlanu uJeremoti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 23 eyeshumi nesithupha uHananiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 24 eyeshumi nesikhombisa uJoshibekasha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 25 eyeshumi nesishiyagalombili uHanani, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 26 eyeshumi nesishiyagalolunye uMaloti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 27 eyamashumi amabili u-Eliyatha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 28 eyamashumi amabili nanye uHothiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 29 eyamashumi amabili nambili uGidaliti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 30 eyamashumi amabili nantathu uMahaziyoti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 31 eyamashumi amabili nane uRomamiti Ezeri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa