1 iziKronike 2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEAmadodana kaJakobe, nakaJuda, nakaHesironi, nakaKalebi 1 Nanka amadodana ka-Israyeli: oRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni, 2 noDani, noJosefa, noBenjamini, noNafetali, noGadi, no-Asheri. 3 Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela; labo abathathu bazalwa nguye kuBati Shuwa, umKhananikazi. Kepha u-Eri, izibulo likaJuda, wayemubi emehlweni kaJehova; wambulala. 4 UTamari umalokazana wakhe wamzalela oPheresi noZera. Onke amadodana kaJuda ayeyisihlanu. 5 Amadodana kaPheresi: ngoHesironi noHamule. 6 Amadodana kaZera: ngoZimri, no-Ethani, noHemani, noKalikoli, noDara, eyisihlanu onke. 7 Amadodana kaKarmi: ngo-Akari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo. 8 Amadodana ka-Ethani: ngu-Azariya. 9 Amadodana kaHesironi awazalelwayo: ngoJerameli, noRamu, noKelubayi. 10 URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabantwana bakwaJuda; 11 uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBowazi; 12 uBowazi wazala u-Obede; u-Obede wazala uJese. 13 UJese wazala izibulo lakhe u-Eliyabi, no-Abinadaba owesibili, noShimeya owesithathu, 14 noNethaneli owesine, noRadayi owesihlanu, 15 no-Osemi owesithupha, noDavide owesikhombisa; 16 odadewabo: ngoSeruya no-Abigayili. Amadodana kaSeruya: ngo-Abishayi, noJowabe, no-Asaheli, emathathu. 17 U-Abigayili wazala u-Amasa; uyise ka-Amasa wayenguJetheri umIshmayeli. 18 UKalebi indodana kaHesironi wazala ku-Azuba umkakhe nakuJeriyoti; amadodana akhe: ngoJesheri, noShobabi, no-Aridoni. 19 Wafa u-Azuba; uKalebi wathatha u-Efrati, owamzalela uHure. 20 UHure wazala u-Uri; u-Uri wazala uBesaleli. 21 Ngasemuva uHesironi wangena kuyo indodakazi kaMakiri uyise kaGileyadi; wamthatha eseneminyaka engamashumi ayisithupha; wamzalela uSegubi. 22 USegubi wazala uJayire, owayenemizi engamashumi amabili nantathu ezweni lakwaGileyadi. 23 OGeshuri no-Aramu babaphuca imizi kaJayirem, kanye neKhenati nemizi yalo, imizi engamashumi ayisithupha. Bonke labo babe ngamadodana kaMakiri uyise kaGileyadi. 24 Emva kokuba esefile uHesironi eKalebi Efratha, u-Abiya, umkaHesironi, wamzalela u-Ashuri uyise kaThekhowa. 25 Amadodana kaJerameli, izibulo likaHesironi, ayenguRamu izibulo, noBuna, no-Oreni, no-Osemi, no-Ahiya. 26 UJerameli wayenomunye umfazi ogama lakhe lalingu-Athara; wayengunina ka-Onamu. 27 Amadodana kaRamu, izibulo likaJerameli, ayengoMahasi, noJamini, no-Ekheri. 28 Amadodana ka-Onamu ayengoShamayi noJada; amadodana kaShamayi: ngoNadabi no-Abishuri. 29 Igama lomka-Abishuri lalingu-Abihayili; wamzalela o-Ahibani noMolidi. 30 Amadodana kaNadabi: ngoSeledi no-Aphayimi; kepha uSeledi wafa engenabantwana. 31 Amadodana ka-Aphayimi: ngu-Ishi; amadodana ka-Ishi: nguSheshani; amadodana kaSheshani: ngu-Ahilayi. 32 Amadodana kaJada umfowabo kaShamayi: ngoJetheri noJonathani; uJetheri wafa engenabantwana. 33 Amadodana kaJonathani: ngoPheleti noZaza. Labo babe ngamadodana kaJerameli. 34 Kepha uSheshani wayengenamadodana, enamadodakazi odwa. USheshani wayenenceku, eyaseGibithe, egama layo lalinguJariha. 35 USheshani wanika uJariha inceku yakhe indodakazi yakhe ibe ngumkakhe; wamzalela u-Athayi. 36 U-Athayi wazala uNathani; uNathani wazala uZabadi; 37 uZabadi wazala u-Efilali; u-Efilali wazala u-Obede; 38 u-Obede wazala uJehu; uJehu wazala u-Azariya; 39 u-Azariya wazala uHelesi; uHelesi wazala u-Eleyasa; 40 u-Eleyasa wazala uSisamayi; uSisamayi wazala uShalumi; 41 uShalumi wazala uJekamiya; uJekamiya wazala u-Elishama. 42 Amadodana kaKalebi umfowabo kaJerameli: nguMesha izibulo lakhe, owayenguyise kaZifi, namadodana kaMaresha, uyise kaHebroni. 43 Amadodana kaHebroni: ngoKora, noTaphuwa, noRekemi, noShema. 44 UShema wazala uRahamu uyise kaJorikeyamu; uRekemi wazala uShamayi. 45 Indodana kaShamayi: nguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBeti Suri. 46 U-Efa, isancinza sikaKalebi, wazala oHarana, noMosa, noGazezi; uHarana wazala uGazezi. 47 Amadodana kaJadayi: ngoRegemi, noJothamu, noGeshani, noPheleti, no-Efa, noShahafi. 48 UMahakha, isancinza sikaKalebi, wazala oSheberi noThirihana. 49 Wazala noShahafi uyise kaMadimana, noSheva uyise kaMakibena, noyise kaGibeya; indodakazi kaKalebi yayingu-Akisa. 50 Laba babe ngamadodana kaKalebi: amadodana kaHure izibulo lika-Efratha: nguShobali uyise kaKiriyati Jeharimi, 51 noSalima uyise kaBetlehema, noHarefi uyise kaBeti Gaderi. 52 NoShobali uyise kaKiriyati Jeharimi wayenamadodana: nguHarowe nenxenye kaMenuhoti. 53 Imindeni kaKiriyati Jeharimi yayingamaJetheri, namaPhuthi, namaShumati, namaMishirayiti; kubona kwavela amaSorati nama-Eshitawoli. 54 Amadodana kaSalima: nguBetlehema, namaNethofa, no-Atharoti BetiJowabe, nenxenye yamaManahati, amaSori. 55 Imindeni yababhali ababehlala eJabesi: ngamaThirati, namaShimeyati, namaSukati. Labo babe ngamaKheni avela kuHamati uyise wendlu kaRekabi. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa