U-Isaya 62 - IsiZulu 2020Ukusindiswa KweZiyoni Ekuthunjweni 1 Ngenxa yeZiyoni angiyukuthula, nangenxa yeJerusalema angiyukuphumula, kuze ukulunga kwalo kuphume njengokukhanya, nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo. 2 Izizwe ziyokubona ukulunga kwakho, namakhosi wonke inkazimulo yakho; uyobizwa ngegama elisha eliyonqunywa ngumlomo kaSimakade. 3 Uyokuba ngumqhele wodumo esandleni sikaSimakade, nomshuqulu wobukhosi esandleni sikaNkulunkulu wakho. 4 Akusayukuthiwa ngawe uNgoshiyiweyo, nezwe lakini alisayukuthiwa yiNcithakalo; kodwa uyobizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo; ngokuba uSimakade uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile. 5 Njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe, nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe, uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe. 6 Ezingangeni zakho Jerusalema, ngimisile abalindi. Abayukuthula nakanye imini nobusuku. Nina enibakhumbuza ngoSimakade, maningaphumuli, 7 futhi ningamniki ukuphumula aze alakhe iJerusalema, alibeke libe yindumiso emhlabeni. 8 USimakade ufunge ngesandla sakhe sokunene nangengalo yamandla akhe, wathi: “Impela angisayukuphinde nginike izitha zakho okusanhlamvu kwakho, kube ngukudla kwazo. Abezizwe abayukuliphuza iwayini lakho elisha olikhandlekeleyo, 9 kodwa bayokudla abakuqoqileyo, badumise uSimakade, nabaliqoqileyo bayoliphuzela emagcekeni endlu yami engcwele.” 10 Phumani, niphume ngamasango, niyilungise indlela yabantu; yakhani, niwakhe umendo, nikhiphe amatshe; niphakamisele izizwe ibhanela. 11 USimakade uyezwakala kuze kube sekugcineni komhlaba, uthi: “Yishoni kuyo indodakazi yaseZiyoni, nithi: ‘Bheka, insindiso yakho iyeza. Bheka, umvuzo wakhe uza nawo, nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.’ ” 12 Bayobizwa ngokuthi ngabantu abangcwele, abahlengiweyo bakaSimakade. Wena uyothiwa Ofuniweyo, uMuzi Ongashiywanga. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa