U-Isaya 52 - IsiZulu 2020USimakade Uhlenga IJerusalema 1 Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Ziyoni, ugqoke izingubo zakho zakwanokusho, wena Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayukungena kuwe ongasokile nongcolileyo. 2 Zithintithe uthuli, usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo; zikhulule eziboshweni ezisentanyeni yakho, wena ndodakazi yaseZiyoni ethunjiweyo. 3 Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Nathengiswa ngento engelutho; niyakuhlengwa ngaphandle kwemali.” 4 Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ekuqaleni abantu bami behlela eGibhithe, bagogobala khona. I-Asiriya labacindezela ngaphandle kwesizathu. 5 “Manje ngisasalelwe yini lapha,” kusho uSimakade, “njengoba abantu bami bethunjiwe ngaphandle kwesizathu na? Ababusi babo babanga umsindo,” kusho uSimakade, “negama lami lihlanjalazwa usuku lonke. 6 Ngakho-ke, abantu bami bayolazi igama lami; ngalolo lusuku bayoqonda ukuthi yimi othi: bhekani, ngilapha.” 7 Zinhle kangakanani ezintabeni, izinyawo zomemezela ukuthula, noletha izindaba ezinhle; ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iZiyoni, ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyabusa.” 8 Abalindi benu baliphakamisile izwi labo, bayakhamuluka bethokoza kanyekanye, ngokuba bayozibonela ngawabo amehlo, lapho uSimakade ebuyela eZiyoni. 9 Qhumukani, nikhamuluke kanyekanye ngokuthokoza, nina zindawo ezichithekileyo eJerusalema, ngokuba uSimakade ubaduduzile abantu bakhe, ulihlengile iJerusalema. 10 USimakade uyembulile ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu wethu. 11 Hambani, hambani, phumani lapho! Ningathinti lutho olungcolileyo, phumani phakathi kwalo, zihlambululeni, nina eniphatha izitsha zikaSimakade. 12 Ngokuba aniyukuphuma nixhamazela. Aniyukuhamba nibaleka, ngokuba uSimakade uyohamba phambi kwenu; uNkulunkulu ka-Israyeli uyoba nasemuva kwenu. Ukuhlupheka Kwenceku KaSimakade 13 Bheka, inceku yami iyoba nempumelelo; iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu. 14 Njengalokhu babebaningi abamangala ngayo, ubuso bayo babonakele kunobabantu, nesimo sayo, kunesamadodana abantu; 15 kanjalo iyokwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayovala imilomo ngenxa yayo, ngokuba ayobona lokho angazange akutshelwe, nalokho angakaze akuzwe, ayokuqonda. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa