U-Isaya 39 - IsiZulu 2020UMerodaki Bhaladani Uthumela Izithunywa KuHezekiya 1 Ngalesi sikhathi uMerodaki Bhaladani, indodana kaBhaladani inkosi yaseBhabhele, wathumela izithunywa kuHezekiya ziphethe izincwadi nesipho, ngokuba wayezwile ukuthi uHezekiya kade egula kodwa useluleme. 2 UHezekiya wazemukela, wayesezikhombisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, igolide, amakha, amafutha amahle, zonke izikhali zakhe, nakho konke okwakusendlini yokugcina ingcebo yakhe, akukho lutho esigodlweni sakhe nasembusweni wakhe angabakhombisanga khona. 3 Kwase kufika umphrofethi u-Izaya kuHezekiya, inkosi, wathi kuye: “Bebethini laba bantu; baphumaphi njengoba beze kuwe na?” 4 Waqhubeka, wathi: “Baboneni endlini yakho?” UHezekiya wathi: “Bakubone konke okusendlini yami; akukho lutho olusendlini yengcebo yami engingababonisanga khona.” 5 U-Izaya wathi kuHezekiya: “Yizwa izwi likaSimakade Wamabandla. 6 Izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho, nalokho okhokho bakho abakugcinile kuze kube namuhla, kuyakuyiswa eBhabhele; akuyukusala lutho, kusho uSimakade. 7 Namanye amadodana akho oyakuwazala, ayakuthathwa abe ngabathenwa esigodlweni senkosi yaseBhabhele.” 8 Wayesethi uHezekiya ku-Izaya: “Lihle izwi likaSimakade olikhulumileyo.” Wathi futhi: “Ngokuba kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa