U-Isaya 18 - IsiZulu 2020Isiphrofetho NgeKhushe 1 Maye, kuwe lizwe elibhakuzisa amaphiko, eliphesheya kwemifula eKhushe, 2 elithumela izithunywa ngolwandle, zintweze emanzini ngemikhumbi yomhlanga! Hambani zithunywa ezinejubane, niye esizweni sabantu abade abasikhumba sibushelelezi, abantu abesatshwa kude naseduze, isizwe esinamandla nezidlova; esizwe laso lihlukaniswe yimifula. 3 Nina nonke enakhile ezweni, nina nonke enihlezi emhlabeni, bhekani lapho sekuphakanyiswa ibhanela ezintabeni, nilalele lapho kukhala icilongo. 4 Ngokuba ungitshelile uSimakade, wathi: “Ngizobuka, ngithule ngisendaweni yami, njengokushisa kwelanga, nanjengefu lamazolo ekushiseni ngesikhathi sokuvuna.” 5 Ngokuba ngaphambi kokuvuna, lapho imbali isiqhakaze yaze yaphenduka igilebhisi elivuthiweyo, uzowanquma wonke amagatsha ngocelemba, namagatsha enabileyo uwanqume, uwasuse. 6 Ayoshiywa ndawonye, abe ngawamanqe asezintabeni, nawezilwane zasemhlabeni. Amanqe ayohlala kuwo ehlobo, ebusika kuhlale kuwo zonke izilwane zomhlaba. 7 Ngaleso sikhathi abantu abade, abanesikhumba esibushelelezi, bayoletha izipho kuSimakade Wamabandla, zivela kubantu abesatshwa kude naseduze; isizwe esinamandla nesinqobayo, esilizwe laso lihlukaniswe yimifula. Bayoziletha entabeni iZiyoni, indawo yegama likaSimakade Wamabandla. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa