Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

U-Isaya 12 - IsiZulu 2020


Ihubo Lokubonga Ukusindiswa Kuka-Israyeli

1 Ngalolo lusuku uyothi: “Ngiyakubonga, Simakade, ngokuba ubungithukuthelele, kodwa intukuthelo yakho uyinqandile, wangiduduza.

2 UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”

3 Niyokukha amanzi ngokujabula emithonjeni yensindiso.

4 Ngalolo lusuku niyothi: “Bongani uSimakade, nibize igama lakhe, nazise phakathi kwezizwe izenzo zakhe, nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme.

5 Hlabelelani izindumiso kuSimakade, ngokuba wenze izinto ezinkulu; lokhu makwaziwe emhlabeni wonke.

6 Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwenu.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ