Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

UJoshuwa 16 - IsiZulu 2020


Isabelo Sabozalo LukaJosefa

1 Isabelo sabozalo lukaJosefa sasisuka eJordani ngaseJerikho empumalanga yamanzi eJerikho, kuya ehlane, sikhuphuke kusuka eJerikho kuye kwelezintaba kuze kufike eBhethele,

2 bese sisuka eBhethele kuya eLuzi, sidabule ngase-Atharothi, isifunda sama-Arikithe;

3 siqhubekele ezansi ngasentshonalanga esifundeni samaJafelethi, size siyofika endaweni esezansi eBhethi Horoni bese siya eGezeri; size sigcine olwandle.

4 Abozalo lukaJosefa, nabolukaManase no-Efrayimi, basithola isabelo sabo.


Indawo Yabakwa-Efrayimi

5 Indawo yabozalo luka-Efrayimi ngokwemindeni yabo yama kanje: umngcele wesabelo sabo ngasempumalanga kwakuyi-Atharothi Adari kuze kuyofika enhla neBhethi Horoni,

6 umngcele wawusuka lapho uye olwandle, ngasenyakatho eMikhemethathi, empumalanga umngcele ujika ubheke eThawanathi Shilo, wedlule ngaphesheya kwalo ngasempumalanga uye eJanowa,

7 bese wehla usuka eJanowa uye e-Atharothi naseNahara, ugudle iJerikho ugcine ngeJordani.

8 Ukusuka eThaphuwa umngcele wawubheka ngasentshonalanga uze ufinyelele esigodini iKhana ugcine olwandle. Sasimi kanjalo-ke isabelo sesizwana sozalo luka-Efrayimi ngokwemindeni yaso,

9 nemizi eyehlukaniselwa abozalo luka-Efrayimi esabelweni sabozalo lukaManase, yonke leyo mizi nemizana yayo.

10 Nokho-ke abakwazanga ukuwaxosha amaKhanani ayehlala eGezeri; ngakho-ke asahlala phakathi kwabakwa-Efrayimi kuze kube yinamuhla, kodwa bawenza izinceku zokubasebenzela.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ