Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

UHabakuki 3 - IsiZulu 2020


Umkhuleko KaHabhakuki

1 Umkhuleko kaHabakuki umphrofethi ngeshigiyonothi.

2 Simakade, ngizwile umbiko ngawe, ngiyawesaba Simakade umsebenzi wakho; uvuselele nakule minyaka, wenze ukuba waziwe kule minyaka, ukhumbule isihawu sakho nasolakeni.

3 UNkulunkulu uvela eThemani, oNgcwele uphuma entabeni iPharanu.Sela Inkazimulo yakhe isibekela amazulu, udumo lwakhe lugcwele umhlaba.

4 Ukukhanya kwakhe kufana nelanga liphuma, imisebe ivela esandleni sakhe, kulapho amandla akhe efihlwe khona.

5 Phambi kwakhe kuhamba ubhubhane, kulandele isifo ezinyaweni zakhe.

6 Uyama, azamazamise umhlaba; uyabuka, athuthumelise izizwe; izintaba zakudala ziyabhidlizwa, namagquma asemandulo ayakhothama, yizindlela zakhe zaphakade.

7 Ngibona amathende aseKhushani ekhungethwe wusizi, amakhethini akwaMidiyani ayathuthumela.

8 Simakade, ngabe ubuyithukuthelele yini imifula na? Ngabe ulaka lwakho belumelene yini nemifula noma intukuthelo yakho nolwandle, ukuba ugibele amahhashi akho, nezinqola zakho zokunqoba, na?

9 Umnsalo wakho usulungile, uvele obala, ubize imicibisholo emgodleni, wadabula umhlaba ngemifula. Sela

10 Izintaba zikubona qede ziyobayobe; isikhukhula siyadlula; izinzulu zizwakalise ukuhlokoma kwazo, ziphakamisele phezulu izandla zazo.

11 Ilanga nenyanga kwama nse endaweni yakho ngokubenyezela kwemicibisholo yakho eshwezayo nangokunyazima komkhonto wakho okhanyayo.

12 Udabula umhlaba ngentukuthelo, ugxobagxobe izizwe ngolaka.

13 Uphumele ukusindiswa kwabantu bakho, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho; uphohloza umholi endlini yababi, umhlubule kusukela phansi kuze kube sentanyeni. Sela

14 Ugwaza ikhanda lomholi wabo ngeyakhe imikhonto, lapho amabutho akhe engithelekela ukuba angihlakaze, ejabula njengazoshwabadela ompofu esithe.

15 Unyathela ulwandle ngamahhashi akho, amanzi amaningi agubhayo.

16 Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami, izindebe zomlomo wami zaqhaqhazela ngomsindo; ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami, ngathuthumela lapho ngimi khona, ngizothula ngilinde kuze kufike usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo.

17 Noma umkhiwane ungeqhakaze, nemivini ingabi nazithelo, nomsebenzi womnqumo ungaphumeleli, amasimi angabi nasivuno, kungabi bikho mhlambi wezimvu nezimbuzi esibayeni nazinkomo esibayeni,

18 nokho mina ngiyakujabula ngoSimakade, ngithokoze ngoNkulunkulu wensindiso yami.

19 USimakade iNkosi, ungamandla ami, wenza izinyawo zami zibe njengezendluzela, enze ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo. Kumholi wokuhlabelelisa ngohabhu lwami.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ