Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

Mathewu 28 - IsiZulu 2020


Ukuvuka Nokuzibonakalisa KukaJesu
( Mak. 16:1 ; Luk. 24:1 ; Joh. 20:1 )

1 Kwathi seledlulile isabatha, ekuseni kusempondozankomo, ngosuku lokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, ukuzobona iliba.

2 Kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza, yaligingqa itshe, yahlala phezu kwalo.

3 Yayibukeka injengonyazi, isembatho sayo simhlophe njengongqoqwane.

4 Ababelinde iliba bathuthumela ngenxa yokuyesaba, baba njengabafileyo.

5 Ingelosi yaphendula yathi kwabesifazane: “Ningesabi, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni.

6 Akekho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe. Wozani nibone indawo lapho ebelele khona.

7 Phuthumani, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo. Useyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Niyabona-ke, senginitshelile.”

8 Bashesha basuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima bayobikela abafundi bakhe.

9 UJesu wahlangana nabo, wathi: “Sanibona.” Basondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye.

10 UJesu wayesethi kubo: “Ningesabi; hambani, nibikele abafowethu ukuba bahambe baye eGalile; bayakungibona lapho.”


Umbiko Wabalindi

11 Besahamba, abanye kubalindi bafika emzini, babikela abaphristi abakhulu konke okwakwenzekile.

12 Sebebuthene abaphristi abakhulu namalunga, bakha icebo, base benika amabutho imali eningi,

13 bathi: “Anibothi abafundi bakhe bafikile ebusuku, bameba silele.

14 Uma lolu daba luzwakala kumbusi, thina siyakumchazela, nina ningahlushwa lutho.”

15 Abalindi bayithatha imali, benza njengalokhu beyaliwe. Lolo daba lwasabalala kubaJuda kuze kube namuhla.


Isiyalezo Sokugcina SikaJesu
( Mak. 16:14 ; Luk. 24:44 )

16 Abafundi abali-11 baya eGalile, kuleyo ntaba uJesu ayebayalele yona.

17 Kwathi lapho bembona, bakhuleka kuye; kodwa abanye bangabaza.

18 UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.

19 Ngakho-ke hambani, nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.

20 Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ