Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

Mathewu 20 - IsiZulu 2020


Izisebenzi Zesivini

1 “Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu, owaphuma ekuseni ukuyoqasha izisebenzi ukuba ziye esivinini sakhe.

2 Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu ngosuku, wazithumela esivinini sakhe.

3 “Waphuma futhi ngehora lesithathu, wabona abanye bemi esigcawini, bengenzi lutho;

4 nakubo wathi: ‘Hambani nani niye esivinini; ngiyakuninika okufaneleyo.’

5 Bahamba-ke. “Wabuye waphuma futhi ngehora lesithupha nangelesishiyagalolunye, wenza kanjalo.

6 Kuthe ngehora le-11, wathola abanye bemile, wayesethi kubo: ‘Nimeleni lapha usuku lonke ningenzi lutho na?’

7 “Bathi kuye: ‘Ngokuba akukho muntu osiqashileyo.’ “Wathi kubo: ‘Hambani nani niye esivinini.’

8 “Kusihlwa, umninisivini wathi enduneni yakhe: ‘Biza izisebenzi, uziholele imali yazo, uqale ngezokugcina, ugcine ngezokuqala.’

9 “Kuthe lapho zifika ebeziqashwe ngehora le-11, kwaba yileso naleso sahola udenariyu.

10 Kepha kuthe sekusondela ezokuqala, zacabanga ukuthi zizokwemukela okukhulu, kodwa nazo zaholelwa udenariyu, umuntu ngamunye.

11 “Kuthe seziwemukela zakhononda kumninindlu,

12 zathi: ‘Laba abokugcina basebenze ihora elilodwa nje, kodwa ubaholela njengathi esithwale ubunzima nesifudumezi semini.’

13 “Kepha waphendula wathi komunye wabo: ‘Mngani, angikuqoli; kanti asivumelananga yini ngodenariyu na?

14 Thatha okungokwakho, uhambe; kepha ngiyathanda ukumholela nalo wokugcina njengokuba ngikuholele nawe.

15 Angivunyelwe yini ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Ngabe iso lakho libi, ngenxa yokuba ngiyephana na?’

16 “Kanjalo-ke abokugcina bayakuba ngabokuqala; abokuqala babe ngabokugcina.”


UJesu Ukhuluma Okwesithathu Ngokuhlupheka Kwakhe
( Mak. 10:32 ; Luk. 18:31 )

17 Kwathi uJesu esekhuphukele eJerusalema, wathatha abafundi abayishumi nambili, waqhelela nabo eceleni. Sebesendleleni, wathi kubo:

18 “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema, iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubaphristi abakhulu nezazimthetho; banqume ukuba ife.

19 Bazakuyinikela kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni, kodwa ngosuku lwesithathu izakuvuswa.”


Isicelo SomkaZebedewu
( Mak. 10:35 )

20 Kwase kuza kuye unina wamadodana kaZebedewu namadodana akhe. Wakhuleka, wayesecela okuthile kuye.

21 UJesu wathi kuye: “Ufunani na?” Wathi kuJesu: “Yisho ukuthi lawa madodana ami amabili ayakuhlala, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho, embusweni wakho.”

22 UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?” Bathi kuye: “Singasiphuza.”

23 Wathi kubo: “Kuyiqiniso, nizakusiphuza isitsha sami, kodwa ukuhlala ngakwesokunene nangakwesokhohlo sami, akusikho okwami ukuphana ngakho, kepha kungokwalabo abakulungiselelwe nguBaba.”

24 Sebekuzwile lokhu abayishumi, bazithukuthelela izelamani ezimbili.

25 Kepha uJesu wababiza, wathi: “Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazithwalisa kanzima, nezikhulu zazo ziziphethe ngamandla anzima.

26 Nokho akuyukuba njalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu, makabe yisikhonzi senu.

27 Nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu, makabe yinceku yenu,

28 njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


UJesu Uvula Amehlo Ezimpumputhe Ezimbili
( Mak. 10:46 )

29 Kuthe sebephuma eJerikho, balandelwa yisixuku esikhulu.

30 Kwakuhleli izimpumputhe ezimbili ngasendleleni. Zathi zingezwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza zathi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!”

31 Kepha isixuku sazikhuza, sathi azithule, kodwa zamemeza kakhulu kunakuqala, zithi: “Sihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide!”

32 UJesu wema, wazibiza wathi: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?”

33 Zathi kuye: “Nkosi, ukuba amehlo ethu avuleke.”

34 UJesu waba nesihawu wathinta amehlo azo; zase ziyabona masinyane, zamlandela.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ