Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

AmaHubo 98 - IsiZulu 2020


Ukuhubela USimakade Ihubo Elisha Ngezimangaliso Zakhe
Ihubo

1 Hubelani uSimakade ihubo elisha, ngokuba wenze izimangaliso, esokunene sakhe nengalo yakhe engcwele kumzuzele ukunqoba.

2 USimakade uyenze yaziwa insindiso yakhe, ukulunga kwakhe wakwembula emehlweni abezizwe.

3 Uwukhumbulile umusa wakhe nokwethembeka kwakhe kwabendlu yakwa-Israyeli. Yonke imikhawulo yomhlaba iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.

4 Hlokomelani uSimakade mhlaba wonke, qhumukani, nihlabelele ngenjabulo, nihube amahubo.

5 Mhubeleni uSimakade ngehabhu, ngehabhu nangezwi lehubo,

6 ngamacilongo nangokukhala komtshingo, hlokomani ngezwi lokuhalalisa phambi kweNkosi uSimakade.

7 Ulwandle maludume nakho konke okukulo, nezwe nabakhileyo kulo.

8 Imifula mayishaye ihlombe, izintaba zihube ndawonye ngentokozo,

9 phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, uzokwehlulela umhlaba. Uzolehlulela ngokulunga izwe, nezizwe ngobuqotho.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ