Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

AmaHubo 110 - IsiZulu 2020


INkosi YaseZiyoni Ingumphristi Ngendlela KaMelkhizedeki
ElikaDavide. Ihubo

1 USimakade wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”

2 USimakade eseZiyoni uyakuyelula intonga yamandla akho, Wena busa phakathi kwezitha zakho.

3 Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.

4 USimakade akayukuguquka, ufunge wagomela wathi: “Wena ungumphrofethi kuze kube phakade ngokukaMelkhizedeki.”

5 INkosi ingakwesokunene sakho, iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.

6 Iyakwehlulela phakathi kwabezizwe, kugcwale izidumbu, ichoboze amakhanda ezizweni eziningi.

7 Iyakuphuza emfuleni ngasendleleni, ngalokho-ke iyakunqoba.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ