2 iziKronike 27 - IsiZulu 2020UJothamu Uyinkosi KwaJuda 1 UJothamu wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eba yinkosi. Wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJerusha, indodakazi kaZadoki. 2 Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade njengalokho konke ayekwenzile uyise, u-Uziya, kodwa akazange angene ethempelini likaSimakade. Abantu baqhubeka ukwenza okungalungile. 3 Wakha isango elingenhla lendlu kaSimakade; wakha okuningi ogangeni e-Ofeli. 4 Wakha imizi kwelezintaba kwaJuda; wakha emahlathini izinqaba nemibhoshongo. 5 Walwa nenkosi yabantu bakwa-Amoni, wabehlula. Ngawo lowo nyaka abakwa-Amoni bamnika amathalenta esiliva ayikhulu, amakhora kakolo ayizi-10 000, nawebhali ayizi-10 000. Nangonyaka wesibili nangowesithathu abakwa-Amoni babuye bakuyisa kuye lokhu. 6 UJothamu waba namandla, ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe. 7 Ezinye izindaba zikaJothamu, nazo zonke izimpi zakhe, nezindlela zakhe, bheka, kulotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nawakwaJuda. 8 Wayeneminyaka engama-25 lapho eqala ukubusa, wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema. 9 UJothamu walaliswa kokhokho bakhe, bammbela emzini kaDavide. U-Ahazi waba yinkosi esikhundleni sakhe. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa