Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

2 iziKronike 25 - IsiZulu 2020


U-Amaziya Uyinkosi KwaJuda

1 U-Amaziya wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka engama-29 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJehohadani waseJerusalema.

2 Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade, nokho engakwenzi ngenhliziyo epheleleyo.

3 Kwathi lapho umbuso wakhe ususimeme, wazibulala izinceku zakhe ezazibulale inkosi, uyise.

4 Kepha akababulalanga abantwana bazo, kodwa wenza njengokulotshiweyo emthethweni, encwadini kaMose njengokuyala kukaSimakade, ethi: “Oyise abayukubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayukubulawa ngenxa yoyise, kodwa yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.”


U-Amaziya Unqoba Abakwa-Edomi

5 U-Amaziya waqoqa uJuda, wammisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwabakhuzi bempi bezinkulungwane nabakhuzi bempi bamakhulu. UJuda wonke noBhenjamini wababala, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, wathola ukuthi bayizi-300 000 abakhethekileyo asebengaphuma impi, nabangaphatha umkhonto nesihlangu.

6 Waqasha kwa-Israyeli amaqhawe anamandla ayizi-100 000, ngamathalenta ayikhulu esiliva.

7 Kwafika umuntu kaNkulunkulu, wathi kuye: “Nkosi, ungahambi nempi yakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade akanaye u-Israyeli nabo bonke abantwana bakwa-Efrayimi.

8 Kepha uma uphuma nabo ngokuba uthi wenzela ukuba iqine impi yakho, uNkulunkulu uyakukuqumba phansi phambi kwezitha zakho, ngokuba uNkulunkulu unamandla okuqumba phansi nokusiza.”

9 U-Amaziya wayesethi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Pho manje sizokwenzenjani ngamathalenta ayikhulu engikhokhele ngawo impi yakwa-Israyeli na?” Umuntu kaNkulunkulu wathi: “USimakade unamandla okukunika okuningi kunalokho.”

10 U-Amaziya wawahlakaza amabutho ayefike kuye evela kwa-Efrayimi ukuba abuyele ezindaweni zawo, kepha lokho kwenza amthukuthelele kakhulu uJuda, abuyela ezindaweni zawo ethukuthele kakhulu.

11 U-Amaziya waqunga isibindi, wahola abantu bakhe waya eSigodini Sikasawoti, wabulala abantu baseSeyiri abayizi-10 000.

12 Abantu bakwaJuda bathumba abaseSeyiri abayizi-10 000 babayisa esiqongweni sewa bephila, babaphonsa phansi eweni, baphihlizeka bonke.

13 Kepha amabutho u-Amaziya ayewaphindisele emuva, angaphumanga nawo ukuya empini, ahlasela imizi yakwaJuda kusukela eSamariya kuze kube seBhethi Horoni; abulala kuyo izi-3 000, athatha impango eningi.

14 Kwathi u-Amaziya esebuyile ekubulaleni abakwa-Edomi, waletha onkulunkulu babantu baseSeyiri, wabamisa baba ngonkulunkulu bakhe, wakhothama phambi kwabo, wabashisela impepho.

15 Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Amaziya, wathumela kuye umphrofethi, wathi kuye: “Ubafuneleni onkulunkulu babantu abangasindisanga abantu babo esandleni sakho na?”

16 Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Ngabe sikubeke umeluleki wenkosi na? Yeka, ufunelani ukubulawa na?” Umphrofethi wayeka, wayesethi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqume ukukubhubhisa ngokuba wenze lokho, awusilalelanga iseluleko sami.”


UJowashi Unqoba U-Amaziya Inkosi YakwaJuda

17 U-Amaziya, inkosi yakwaJuda, eselulekiwe wathumela kuJowashi indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Woza sibonane ubuso nobuso.”

18 UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wathumela ku-Amaziya inkosi yakwaJuda, wathi: “Bheka, isihlahla somkhanya saseLebhanoni, sathumela emsedarini owawuseLebhanoni, sathi: ‘Ganisa indodakazi yakho ibe ngumfazi wendodana yami.’ “Kodwa kwedlula isilwane sasendle esasiseLebhanoni, sasinyathela isihlahla somkhanya.

19 Umtshele uthi: ‘Bheka, ubhubhisile u-Edomi, manje inhliziyo yakho iqhoshile, ufuna ukubonakalisa udumo lwakho. Manje kungcono uhlale endlini yakho; kungani uhlokoloza inyoka isemgodini, ufuna ukuwa wena noJuda kanyekanye na?’ ”

20 Kepha u-Amaziya akalalelanga, ngokuba lokho kwakuhloswe nguNkulunkulu ukuba abanikele esandleni sezitha zabo, ngokuba babefune onkulunkulu bakwa-Edomi.

21 UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wayesekhuphuka, babhekana ubuso nobuso no-Amaziya, inkosi yakwaJuda, eBhethi Shemethi kwaJuda.

22 UJuda wehlulwa ngu-Israyeli; uJuda wabaleka, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe.

23 UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wambamba u-Amaziya, inkosi yakwaJuda, indodana kaJowashi kaJehowahazi eBhethi Shemeshi, wamyisa eJerusalema. Wabhidliza ugange eJerusalema kusukela esangweni i-Efrayimi kuze kube sesangweni iGumbi, amakhubhithi angama-400.

24 Wathatha lonke igolide, isiliva, zonke izitsha ezazisendlini kaSimakade no-Obhedi Edomi, ingcebo yasesigodlweni senkosi nabantu ababa yisibambiso, wayesebuyela eSamariya.

25 U-Amaziya, indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, waphila iminyaka eli-15 emva kokufa kukaJowashi, indodana kaJehowahazi, inkosi yakwa-Israyeli.

26 Ezinye izindaba zika-Amaziya, ezakuqala nezakamuva, bheka, azilotshiwe yini encwadini yamakhosi akwaJuda nawakwa-Israyeli na?

27 Kusukela esikhathini u-Amaziya aphambuka ngaso ekulandeleni uSimakade bamenzela ugobe eJerusalema; wabalekela eLakhishi, kepha bathumela eLakhishi, bambulalela khona.

28 Bamthwala ngamahhashi, bamngcwaba kokhokho bakhe emzini wakwaJuda.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ