2 iziKronike 10 - IsiZulu 2020Ukubekwa KukaRehobhowamu Abe Inkosi Kwa-Israyeli; Ukuhlubuka Kwezizwana Ezilishumi 1 URehobhowamu waya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wayeye lapho eShekemi ukuba ambeke, abe yinkosi. 2 Kwathi ukuba uJerobhowamu, indodana kaNebhathi owayebalekele eGibhithe ngenxa yokwesaba inkosi uSolomoni, akuzwe lokho, wabuya eGibhithe. 3 Bathumela bambiza, uJerobhowamu naye wonke u-Israyeli beza kuRehobhowamu, bakhuluma naye, bathi: 4 “Uyihlo wenza ijoka lethu laba nzima, manje siyakucela ukuba wena uwenze lula umsebenzi olukhuni uyihlo ayesethwese wona, nejoka lakhe elinzima ayelibeke phezu kwethu, siyokukhonza uma wenze kanjalo.” 5 Wathi kubo: “Hambani kuthi emva kwezinsuku ezintathu nibuye nize kimi.” Basuka-ke abantu. 6 Inkosi uRehobhowamu yacela iseluleko ezingwevini ezazikade zeluleka uSolomoni, uyise, esaphila, yathi: “Nina ningeluleka ukuba ngibuyisele impendulo ethini kulaba bantu na?” 7 Zakhuluma kuye, zathi: “Uma namuhla uzokuba yinceku yalaba bantu, ubakhonze, ukhulume amazwi amahle lapho ubaphendula, bayokuba yizinceku zakho zonke izinsuku zabo.” 8 Kepha akasishayanga mkhuba iseluleko sezingwevu ezazimeluleke ngaso, wayesecela iseluleko ezinsizweni ezaziyintanga yakhe, ezaziwa zivuka naye. 9 Wathi kuzo: “Nina ningeluleka ukuba ngibuyisele mpenduloni kulaba bantu abakhulume kimi ngokuthi: ‘Yenza lula ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu,’ na?” 10 Izinsizwa ezingontanga yakhe zathi kuye: “Uyothi kulaba bantu abakhulume kuwe, bathi: ‘Uyihlo walenza laba nzima ijoka lethu, kepha wena lenze libe lula kithina,’ uyokhuluma kanje kubo: ‘Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa. 11 Ubaba wanethwesa ijoka elinzima, mina-ke ngizothasisela ejokeni lenu. Ubaba wanishaya ngeziswebhu, kodwa mina ngizonishaya ngofezela.’ ” 12 UJerobhowami nabo bonke abantu bafika kuRehobhowamu ngosuku lwesithathu, njengalokhu yayishilo inkosi, yathi: “Buyani kimi ngosuku lwesithathu.” 13 Inkosi yabaphendula kanzima abantu, yasishaya indiva iseluleko izingwevu ezazimeluleke ngaso. 14 Yakhuluma kubo njengokwelulekwa yizinsizwa, yathi: “Ubaba wayenethwese ijoka elinzima, mina-ke ngizothasisela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngizonishaya ngofezela.” 15 Inkosi ayibalalelanga abantu, ngokuba lokho kwakuvela kuSimakade, ukuze uSimakade agcwalise izwi alikhuluma ngomlomo ka-Ahiya waseShilo kuJerobhowamu, indodana kaNebhathi. 16 Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe. 17 Kepha uRehobhowamu wabusa phezu kwabo bonke abantu bakwa-Israyeli ababakhe emizini yakwaJuda. 18 Inkosi uRehobhowamu yathuma u-Adoramu owayengamele izisebenzi ku-Israyeli. Kepha u-Israyeli wonke wamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobhowamu yashesha yagibela enqoleni yayo, yabaleka eJerusalema. 19 U-Israyeli wayihlubuka indlu kaDavide kuze kube yinamuhla. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa