Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

1 kaJohane 1 - IsiZulu 2020


Izwi Liyabonakaliswa NgoKhristu

1 Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu, sakubheka, sakuphatha ngezandla zethu, okwezwi lokuphila.

2 Lokho kuphila kwabonakaliswa, sakubona, sifakaza ngakho, futhi sinishumayeza ngalokho kuphila okuphakade okwakukhona kuYise, kwabonakaliswa kithi.

3 Lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani, ukuba nibe nenhlanganyelo nathi. Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe, uJesu Khristu.

4 Ngakho-ke sesiyanilobela lokhu, ukuze kuphelele intokozo yenu.


Ukuhamba Ekukhanyeni

5 Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona, ukuthi uNkulunkulu ungukukhanya, abukho nakanye ubumnyama kuye.

6 Uma sithi sinobudlelwane naye, kodwa sibe sisahamba ebumnyameni, siqamba amanga, asikwenzi okuyiqiniso.

7 Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.

8 Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi.

9 Kepha uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.

10 Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga uNkulunkulu, futhi nezwi lakhe alikho kithi.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ