1 iziKronike 27 - IsiZulu 2020Ukuhlelwa Kwezinhloko Zezigaba Nezinduna Zamabutho 1 Nanti inani labantu bakwa-Israyeli ngokwezinhloko zezindlu zoyise, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, izikhulu zabo ezazikhonza inkosi kukho konke ngokwezigaba, ezazingena ziphuma inyanga nenyanga, ezinyangeni zonke zonyaka. Babekhona kuleso naleso sigaba, bekhonza, sebebonke beyizi-24 000. 2 UJashobhehamu, indodana kaZabhidiyeli, wayengamele isigaba sokuqala esasingena ngenyanga yokuqala. Esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000. 3 Owayengomunye wozalo lukaPherezi, esiyisikhulu sabo bonke abakhuzi bempi ngenyanga yokuqala. 4 Owayephethe isigaba sesibili kwakunguDadayi, umAhohi; singena ngenyanga yesibili isigaba sakhe. Esigabeni sakhe kwakukhona umbusi, uMikhilothi, beyizi-24 000. 5 Induna yempi yesithathu eyayingena ngenyanga yesithathu kwakunguBhenaya, indodana kaJehoyada, umphristi. Wayeyinhloko; esigabeni sakhe kukhona abayizi-24 000. 6 Nguye lowo Bhenaya owayeyiqhawe phakathi kwabangama-30, nowayengamele. Esigabeni sakhe kwakuno-Amizabhadi, indodana yakhe. 7 Owayengamele isigaba sesine esasingena ngenyanga yesine kwakungu-Asaheli, umfowabo kaJowabe, elekelelana nendodana yakhe, uZebadiya. Esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000. 8 Ngenyanga yesihlanu kwakunguShamhuthi, umJizirahi, owayengamele; esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000. 9 U-Ira, indodana ka-Ikheshi waseThekhowa, wayephethe ababengena ngenyanga yesithupha; esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000. 10 UHelezi, umPheloni, nguyena owayengamele ababengena ngenyanga yesikhombisa, wayevela kwa-Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000. 11 USibhekhayi, umHushathi kwabakwaZera, nguye owayengamele ababengena ngenyanga yesishiyagalombili; esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000. 12 U-Abhiyezeri, umAnathothi wakwaBhenjamini, wayengamele abangena ngenyanga yesishiyagalolunye; esigabeni sakhe kukhona abayizi-24 000. 13 UMaharayi waseNethofa kwabakwaZera, wayengamele ababengena ngenyanga yeshumi; esigabeni sakhe kukhona abayizi-24 000. 14 UBhenaya, umPhirathoni wakwa-Efrayimi, wayephethe ababengena ngenyanga yeshumi nanye; esigabeni sakhe kukhona abayizi-24 000. 15 UHelidayi waseNethofa, ozalwa ngu-Otheniyeli, wayengamele abangena ngenyanga ye-12; esigabeni sakhe kukhona abayizi-24 000. Ababemele Izizwana Zakwa-Israyeli 16 Ababemele izizwana zakwa-Israyeli kwakuyilaba: kwesakwaRubeni, umbusi kwakungu-Eliyazeri, indodana kaZikhiri. KwesakwaSimeyoni kunguShefathiya, indodana kaMahakha. 17 KubaLevi kunguHashabhiya, indodana kaKhemuweli. Ku-Aroni kunguZadoki. 18 KuJuda kungu-Elihu, umfowabo kaDavide. Ku-Isakhare kungu-Omri, indodana kaMikhayeli. 19 KwaZebuloni kungu-Ishimaya, indodana ka-Obhadiya; kwaNafethali kunguJeremothi indodana ka-Aziriyeli. 20 Kwabakwa-Efrayimi kunguHosheya, indodana ka-Azaziya; engxenyeni yesizwana sakwaManase kunguJoweli, indodana kaPhedaya. 21 Engxenyeni kaManase kwaGileyadi kungu-Ido, indodana kaZakhariya; kwabakwaBhenjamini kunguJahasiyeli, indodana ka-Abhineri; 22 kwabakwaDani kungu-Azareli, indodana kaJerohamu. Yilabo ababengabakhuzi bempi ezizwaneni zakwa-Israyeli. 23 UDavide akazange alibale inani lalabo ababeneminyaka engama-20 nabancane kunalokho, ngokuba uSimakade wayeshilo ukuthi uyomandisa u-Israyeli abe ngangezinkanyezi zezulu. 24 UJowabe, indodana kaZeruya, waqala ukubala abantu, kodwa akazange aqede ngenxa yolaka olwaqubuka phezu kuka-Israyeli, inani labantu alizange lifakwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide. Ababephethe Impahla Yenkosi 25 U-Azimavethi, indodana ka-Adiyeli, wayephethe ingcebo yenkosi. UJonathani, indodana ka-Uziya, engamele izinto zasemasimini, emzini, emizaneni nasezinqabeni. 26 U-Eziri, indodana kaKhelubi, wayephethe abebenza umsebenzi wasendle, belima umhlabathi. 27 UShimeyi waseRama wayephethe izivini; uZabhidi ephethe iwayini eligciniweyo elithathwe ezivinini. 28 UBhali Hanani, umGederi, wayephethe iminqumo nemikhiwane okwakusehlanzeni; uJowabe ephethe izigcinamafutha. 29 Imihlambi eyayiklaba eSharoni yayiphethwe nguShithirayi, umSharoni; kuthi imihlambi eyayisezigodini iphathwe nguShafathi, indodana ka-Adilayi. 30 U-Obhili wakwa-Ishmayeli wayephethe amakameli; uJehedeya, umMeronothi, ephethe izimbongolo. 31 UJazizi, umHagiri, wayephethe izimvu. Bonke laba babeyizinduna zemfuyo yenkosi uDavide. Abaluleki Benkosi UDavide 32 UJonathani, umfowabo kayise kaDavide, wayengumeluleki engumuntu ohlakaniphileyo, futhi engumbhali. UJehiyeli, indodana kaHakhimoni, wayehlala namadodana enkosi. 33 U-Ahithofeli wayengumeluleki wenkosi. UHushayi, umArikhi, engumngani wenkosi, 34 owayelandela u-Ahithofeli kwakunguJehoyada, indodana kaBhenaya no-Abhiyathara. UJowabe wayengumkhuzi wempi yenkosi. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa