1 iziKronike 25 - IsiZulu 2020Izigaba Zabahlabeleli Basethempelini 1 UDavide nabakhuzi bempi behlukanisela umsebenzi amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani nakaJeduthuni; ayezophrofetha ngamahabhu, ngezingubhu, nangamasimbali. Abantu ababezokwenza umsebenzi wenkonzo babeyileli nani, bemi kanje: 2 emadodaneni ka-Asafa: nguZakhuri, uJosefa, uNethaniya no-Asharela, amadodana ka-Asafa, ephethwe ngu-Asafa owayephrofetha ngokulawulwa yinkosi. 3 KuJeduthuni: amadodana akhe: nguGedaliya, uZeri, uJeshaya, uShimeyi, uHashabhiya noMathithiya, esewonke eyisithupha, ephethwe nguyise uJeduthuni owayephrofetha ngohabhu, ngokubonga nangokudumisa uSimakade. 4 KuHemani: amadodana kaHemani: nguBhukiya, uMathaniya, u-Uziyeli, uShebhuweli, uJerimothi, uHananiya, uHanani, u-Eliyatha, uGidalithi, uRomamithi Ezeri, uJoshibhekasha, uMalothi, uHothiri noMahaziyothi. 5 Bonke labo kwakungamadodana kaHemani, isiboni senkosi ngokwezwi likaNkulunkulu, ukuze siphakamise uphondo lwayo. UNkulunkulu wamupha uHemani amadodana ali-14, namadodakazi amathathu. 6 Bonke laba babephethwe nguyise ekuhlabeleleni endlini kaSimakade ngamasimbali, ngezingubhu nangamahabhu ekukhonzeni endlini kaNkulunkulu. U-Asafa, uJeduthuni noHemani babephethwe yinkosi. 7 Inani labo bonke sebehlangene nabafowabo ababefundiswe ukuhlabelelela uSimakade, nababeyizazi babengama-288. 8 Benza unkatho ngemisebenzi yabo kusukela komncane njengokomdala, isazi nomfundi. 9 Unkatho lokuqala lwadla uJosefa ka-Asafa, olwesibili uGedaliya, yena ekanye nabafowabo namadodana akhe, sebebonke beli-12. 10 Olwesithathu lwadla uZakhuri, amadodana akhe nabafowabo, beli-12, 11 olwesine lwadla uJiziri, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 12 Olwesihlanu lwadla uNethaniya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 13 Olwesithupha lwadla uBhukiya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 14 Olwesikhombisa lwadla uJesharela, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 15 Olwesishiyagalombili lwadla uJeshaya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 16 Olwesishiyagalolunye lwadla uMathaniya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 17 Olweshumi lwadla uShimeya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 18 Olweshumi nanye lwadla u-Azareli, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 19 Olwe-12 lwadla uHashabhiya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 20 Olwe-13 lwadla uShubhayeli, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 21 Olwe-14 lwadla uMathithiya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 22 Olwe-15 lwadla uJeremothi, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 23 Olwe-16 lwadla uHananiya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 24 Olwe-17 lwadla uJoshibhekaya, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 25 Olwe-18 lwadla uHanani, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 26 Olwe-19 lwadla uMalothi, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 27 Olwama-20 lwadla u-Eliyatha, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 28 Olwama-21 lwadla uHothiri, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 29 Olwama-22 lwadla uGidalithi, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 30 Olwama-23 lwadla uMahaziyothi, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. 31 Olwama-24 lwadla uRomamithi Ezeri, amadodana akhe nabafowabo, beli-12. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa