Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -

1 iziKronike 20 - IsiZulu 2020


Ukuvinjezelwa KweRabha Nokulwa NamaFilisti

1 Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ahlasele ngaso, uJowabe wahola amaqhawe empi, wabhubhisa izwe labakwa-Amoni. Wahamba wavimbezela iRabha, kodwa uDavide wayesele eJerusalema. UJowabe wahlasela iRabha, walinqoba.

2 UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wathola ukuthi isisindo sawo sasiyithalenta legolide; wawunetshe eliyigugu; wabekwa ekhanda likaDavide. Wathatha emzini impango eningi kakhulu.

3 UDavide wakhipha abantu ababekuyo yonke imizi yabakwa-Amoni, wabanquma ngamasaha, ngezibhuqo zensimbi, nangamazembe.


Impi Phakathi Kuka-Israyeli NamaFilisti

4 Kwathi emveni kwaleso sehlakalo kwaqubuka impi phakathi kuka-Israyeli namaFilisti eGezeri. USibhekhayi, umHushathi, wabulala uSiphayi, enye yamadodana amaRefa; anqotshwa amaFilisti.

5 Kwaphinda kwaqubuka enye impi namaFilisti. U-Elihanani, indodana kaJayire, wabulala uLahimi, umfowabo kaGoliyathi, umGithi; uthi lomkhonto ayewuphatha lwalungangogongolo lomaluki.

6 Kwaphinda futhi kwaba nempi eGathi, lapho kwakukhona umuntu owayemude kakhulu; eneminwe eyisithupha esandleni ngasinye, kanjalo nasezinyaweni enezinzwani eziyisithupha unyawo ngalunye, sekukonke kungama-24. Naye wayezalwa ngamaRefa.

7 Wamedelela u-Israyeli; ngakho-ke uJonathani, indodana kaShimeya, umfowabo kaDavide, wambulala.

8 Yibo laba ababeyizizukulwane zamaRefa eGathi, ababulawa nguDavide, nezinceku zakhe.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:



ကြော်ငြာတွေ