1 iziKronike 19 - IsiZulu 2020UDavide Unqoba Abakwa-Amoni Nama-Aramu 1 Kwathi emveni kwalokho uNahashi, inkosi yakwa-Amoni, wakhothama, indodana yakhe yabusa esikhundleni sakhe. 2 UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni, indodana kaNahashi, ngokuba uyise wangenzela umusa.” UDavide wayesethumela izithunywa ukuba ziyomduduza ngokulahlekelwa nguyise. Izinceku zikaDavide zafika kwa-Amoni kuHanuni, zamduduza. 3 Kepha izikhulu zakwa-Amoni zathi kuHanuni: “Ngabe ucabanga ukuthi uDavide uthumele abazokududuza, ngokuba ehlonipha uyihlo na? Akazithumelanga yini izinceku zakhe ukuba zizohlola izwe nokuba ziwuqumbe phansi umbuso wakho na?” 4 UHanuni wayesezibamba izinceku zikaDavide, waziphuca amakhanda nezilevu, wasika izingubo zazo kwaze kwaba sezinqeni, wayesezikhomba indlela. 5 Bahamba bamazisa uDavide ngalawo madoda. Wayesethumela ukuba ahlangatshezwe, ngokuba ayenamahloni kakhulu. Yathi inkosi: “Hlalani eJerikho zize zihlume izilevu zenu, bese niyabuya-ke.” 6 Abantu bakwa-Amoni babona ukuthi bazithele ngesigcwagcwa kuDavide. UHanuni nabakwa-Amoni bathumela amathalenta esiliva ayinkulungwane ukuba baqashe izinqola nabamahhashi e-Aramu Naharayimi, e-Aramu Mahakha, naseZobha. 7 Baqasha izinqola eziyizi-32 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo beza bakanisa phambi kweMedebha. Abakwa-Amoni babuthana bephuma emizini yabo; beza ukuzokulwa. 8 UDavide wezwa ngalokho, wathumela uJowabe nayo yonke impi namabutho angamaqhawe. 9 Abakwa-Amoni baphuma bayihlela impi yabo belungela ukulwa ngasesangweni lomuzi, kepha amakhosi ayefikile ayewodwa endle. 10 UJowabe esebona ukuthi impi ingaphambili nangasemva kwakhe, wakhetha amadoda kwabakhethekileyo bonke bakwa-Israyeli, wawahlela ukuze alwe nama-Aramu. 11 Abantu abaseleyo wabashiya esandleni sika-Abhishayi, umfowabo, bazihlela ukuba balwe nabakwa-Amoni. 12 Wathi: “Uma ama-Aramu eba namandla kunami, uyakuza ungihlenge, kodwa uma abakwa-Amoni beba namandla kunawe, ngizoza ngikophule. 13 Qinani, masibe nesibindi ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uSimakade makenze okuhle akubona kufanele.” 14 UJowabe namabutho ayenaye basondela kuma-Aramu ukuba balwe nawo, kodwa wona acela empunzini. 15 Abakwa-Amoni babona ukuthi ama-Aramu acele empunzini, nabo babaleka phambi kuka-Abhishayi, umfowabo waya emzini. UJowabe waya eJerusalema. 16 Ama-Aramu esebonile ukuthi anqotshiwe ngu-Israyeli, athuma izithunywa, akhipha ama-Aramu ayengaphesheya komfula noShofakhi, umkhuzi wempi kaHadadezeri, phambi kwawo. 17 UDavide wabikelwa ngalokho, wayeseqoqa wonke u-Israyeli, bawela iJordani, bafika kuwo; wase eyihlela impi, walwa nawo. 18 Ama-Aramu abaleka phambi kuka-Israyeli. UDavide wabulala ama-Aramu ayizi-7 000 ayegibele ezinqoleni, nemigundatshani eyizi-40 000, wabulala noShofaki, umkhuzi wempi. 19 Izinceku zikaHadadezeri zabona ukuthi zehluliwe ngu-Israyeli, zenza ukuthula noDavide, zamkhonza. Ama-Aramu awaphindanga afuna ukusiza abakwa-Amoni. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa