Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 4:18 - Baasraak Zulu New Testament Bible

18 UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 “UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, ukuvula amehlo ezimpumputhe, ukuhlenga abacindezelweyo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 4:18
56 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izimpumputhe ziyabona, nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, nezithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bayashunyayezwa ivangeli.


Bheka, inceku yami engiyikhethileyo; othandiweyo wami othokoza kuye umphefumulo wami;


Umhlanga ofecekileyo akayikuwuphula, nelineni eliqhumayo akayikuwucima, aze athumele ukwahlulela kube-ngukunqoba.


Abantu ababehlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; nabahlezi ezweni nasethunzini lokufa ukukhanya kuye kwaphumela obala.


Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.


Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi. Eseyivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi.


Waphakamisela amehlo akhe kubafundi bakhe, wathi: “Manibusiswe nina bampofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.


UJesu waphendula wathi kubo: “Hambani nimtshele uJohane lokho enikubonile nenikuzwile; ukuthi izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayelwa ivangeli.


yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simfumene uMesiya” okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.


Mina ngizile njengokukhanya emhlabeni, ukuze yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.


Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu akamniki uMoya ngesilinganiso.


Ukuthi uNkulunkulu wamgcoba kanjani uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza okuhle, ephulukisa bonke ababecindezelwe nguSathane; ngoba uNkulunkulu wayelaye.


ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.


Amakhosi omhlaba asukuma, nababusi babuthana ndawonye ngokumelene neNkosi noKristu wayo.


Ngokuba isibili uHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli babuthana ndawonye ngokumelene neNdodana yakho engcwele uJesu owamgcobayo;


owasikhulula emandleni obumnyama, wasesisa embusweni weNdodana yakhe ethandekayo;


Lalelani, bazalwane bami abathandekayo: UNkulunkulu kabakhethanga yini abampofu balumhlaba ukuba bacebe ekukholweni, lezindlalifa zombuso awuthembisayo abamthandayo?


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ